Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngoba babengabalwanga phakathi kwabantwana bakoIsrayeli, ngoba kabalinikwanga ilifa phakathi kwabantwana bakoIsrayeli.
UNumeri 3:39 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke ababalwayo bamaLevi uMose no-Aroni abababalayo ngokomyalo weNkosi ngezizukulwane zabo, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nangu-Aroni ngesiyalezo sikaJehova ngemindeni yabo, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili. IsiZulu 2020 Inani elabalwa nguMose no-Aroni kubo bonke abaLevi, kusukela konenyanga kuya phezulu, ngokwemindeni yabo njengalokhu uSimakade ayeshilo, kwakuyizi-22 000. |
Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngoba babengabalwanga phakathi kwabantwana bakoIsrayeli, ngoba kabalinikwanga ilifa phakathi kwabantwana bakoIsrayeli.
Onke amazibulo esilisa ngenani lamagama, kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ababalwayo kubo, ayeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili namashumi ayisithupha nantathu.
Ngokuba isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bambalwa abayitholayo.