Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 7:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bambalwa abayitholayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 Kepha isango lincane nendlela ingumngcingo eholela ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Ngokuba isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bambalwa abayitholayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 7:14
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uzangitshengisa indlela yokuphila; phambi kobuso Bakho kugcwele intokozo; ngakwesokunene sakho kukhona okuthokozisayo kuze kube phakade.


Ngihamba endleleni yokulunga, phakathi kwemikhondo yokulunga.


Izindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho lithi: Nansi indlela, hambani ngayo, lapho niphambuka ngakwesokunene, nalapho niphambuka ngakwesokhohlo.


Kuyakuba khona umgwaqo omkhulu nendlela, futhi iyobizwa ngokuthi, indlela yobungcwele; ongcolileyo angadluli phezu kwayo; kepha kuyakuba ngabo: abahambayo, nakuba beyiziwula, abayikuduka ngakho.


futhi lizakuthi: Qumbani, fumbathani, lungisani indlela, susani isikhubekiso endleleni yabantu bami.


Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibuke, nibuze ngezindlela zakudala, iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu. Kodwa bathi: Asiyikuhamba ngayo.


Kanjalo abokugcina bayakuba ngabokuqala, nabokuqala babe ngabokugcina, ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.


Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.


Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, nendlela ibanzi eyisa ekubhujisweni, baningi abangena ngayo;


Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.


Wasebizela kuye ixuku kanye labafundi bakhe, wathi kubo: Loba ngubani ofuna ukungilandela, kazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


Ningesabi, mhlambi omncane; ngoba kuyintokozo kuYihlo ukulinika umbuso.


Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu.


Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.


Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu enhle, neyamukelekayo, nepheleleyo.


Ngani na? Ngoba kabakufunanga ngokukholwa, kodwa ngokungathi ngemisebenzi yomthetho. Ngokuba bakhubeka etsheni lesikhubekiso;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka