Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 25:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

Wamlandela umuntu wakwa-Israyeli wangena etendeni, wababhoboza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Kanjalo isifo sabantwana bakwa-Israyeli sanqandwa.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

wamlandela umuntu wakwa-Israyeli, wangena etendeni, wabagwaza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Sanqamuka-ke kanjalo isifo kubantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Wayesemlandela lowo muntu wakwa-Israyeli, wangena ethendeni lakhe, wababhokoda bobabili ngomkhonto esiswini, lwase lunqamuka ubhubhane kwabakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 25:8
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amathambo kaSawule noJonathani indodana yakhe bembela ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise; benza konke inkosi eyabayala ngakho. Kwase kuthi-ke uNkulunkulu wakhulekelwa izwe.


UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. Ngakho uJehova walithandazela izwe, futhi isifo sanqamuka kwa-Israyeli.


UDavide wayesethi ku-Orinani: “Nginike indawo yalesi sibuya ukuba ngakhele uJehova i-altare phezu kwayo; kumelwe unginike yona ngenani eliphelele, ukuze inhlupho yabantu ivinjwe.


Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula; ngamnika ngenxa yokwesaba ayengesaba ngakho, esaba igama lami.


Wonke osondela etendeni likaJehova uyakufa; siyakudlula ekufeni na?


UPinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni umpristi, wayinqanda intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, eshisekela phakathi kwabo ngenxa yami, ukuze ngingabaqedi abantwana bakwa-Israyeli ngokushisekela kwami.


Wayesethi uMose kubahluleli bakwa-Israyeli: “Bulalani, kube yilowo nalowo kubantu bakhe abazihlanganise noBali Peyori.


Bamisa phezu kwakhe inqwaba enkulu yamatshe kuze kube namuhla. Kanjalo uJehova waphenduka ekuvutheni kwentukuthelo yakhe. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi: IsiGodi sase-Agori kuze kube namuhla.