Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 24:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. Ngakho uJehova walithandazela izwe, futhi isifo sanqamuka kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. UJehova wancengwa ngenxa yezwe, isifo sanqamuka kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

25 UDavide wamakhela lapho uSimakade i-althare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. USimakade wakuzwa ukunxusa kwakhe, enxusela izwe, ubhubhane lwanqamuka kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 24:25
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho; wamakhela khona i-altare uJehova owabonakala kuye.


Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wabopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e-altare phezu kwezinkuni.


UNowa wamakhela uJehova i-altare; wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela ngeminikelo yokushiswa e-altare.


Amathambo kaSawule noJonathani indodana yakhe bembela ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise; benza konke inkosi eyabayala ngakho. Kwase kuthi-ke uNkulunkulu wakhulekelwa izwe.


UDavida wasesithi kuGadi: Ngisosizini olukhulu; masiwele esandleni sikaJehova; ngokuba umusa wakhe mkhulu, mangingaweli esandleni somuntu.


Inkosi uDavide yayimdala, ineminyaka eminingi; bamembesa izingubo, kepha akabanga nakufudumala.


Khona ngizakwehlisela ulaka lwami kuwe, lokutshiseka kwami kusuke kuwe, ngithule ngingabe ngisathukuthela.


Wonke osondela etendeni likaJehova uyakufa; siyakudlula ekufeni na?


Kwathi ngangomuso abantu bavuka ekuseni, bakha khona i-altare, banikela ngeminikelo yokushiswa neminikelo yokubonga.


UGideyoni wamakhela khona uJehova i-altare, walibiza ngokuthi: UJehova, ukuthula; kuze kube namuhla iseOfira lama-Abiyezeri.


USawuli wasesithi: Ngilethele lapha umnikelo wokutshiswa leminikelo yokubonga. Wanikela ngomnikelo wokushiswa.


USawule wamakhela uJehova i-altare; laliyi-altare lokuqala elakhela uJehova.


Wayebuyela eRama; ngoba yayikhona indlu yakhe; wayala khona u-Israyeli; wamakhela khona uJehova i-altare.


USamuweli wathatha iwundlu elincelisayo, wanikela ngalo libe ngumnikelo wokushiswa kuJehova ngokuphelele; uSamuweli wakhuleka kuJehova ngenxa ka-Israyeli; uJehova wamuzwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka