Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 23:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “UBalaki, inkosi yakwaMowabi, wangikhipha e-Aramu ezintabeni zasempumalanga, wathi: “Woza, ungiqalekisele uJakobe, uze, uklolodele u-Israyeli.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “E-Aramu uBalaki ungilandile, inkosi yakwaMowabi ezintabeni zasempumalanga: woza ungiqalekisele uJakobe; woza umdlelesele u-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “UBhalaki ungisuse e-Aramu wangiletha lapha, inkosi yakwaMowabi ngasezintabeni empumalanga. Yathi: ‘Woza, ungiqalekisele uJakobe; woza uzojivaza u-Israyeli.’

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 23:7
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantwana bakwaShemi: I-Elamu, ne-Ashuri, no-Arpakisadi, noLudi, no-Aramu.


Suka uye ePhadani Aramu endlini kaBhetuweli uyise kanyoko; uzithathele khona umfazi emadodakazini kaLabani unyokolume.


nokuthi uJakobe walalela uyise nonina, waya ePhadani Aramu;


Lapho ephikisana no-Israyeli, uJonathani indodana kaShimeya umfowabo kaDavide wambulala.


Ngemva kwakhe kwakukhona u-Eleyazare indodana kaDodo umAhohi, omunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide, lapho bephikisana namaFilisti ayelapho ukuba alwe, futhi abantu bakwa-Israyeli bahamba.


UJobe waqhubeka nomfanekiso wakhe wathi:


UJobe waqhubeka nomfanekiso wakhe wathi:


Ngesabani emihleni yobubi, lapho ububi bezithende zami bungihaqa, na?


Ngiyakuwuvula umlomo wami ngomfanekiso, ngikhulume amazwi amnyama asendulo;


Njengenyoni ezulazulayo, njengenkonjane indiza, kanjalo isiqalekiso asiyikufika ngaphandle kwesizathu.


Ndodana yomuntu, yenza imfumbe, ukhulume umfanekiso kuyo indlu yakwa-Israyeli;


Ngase ngithi: “O, Nkosi Jehova! bathi ngaMi: Akakhulumi ngemifanekiso na?


Ngalolosuku umuntu uyakwenza umfanekiso ngani, alile ngesililo, athi: Sibhujisiwe saphela; Washintsha indawo yabantu bami; uyisuse kanjani kimi! Wahlukanisa insimu yethu.


Kabayikumisa umfanekiso ngaye bonke, lesaga sokuklolodela, besithi: Maye kowandisa okungesikho kwakhe! isikhathi eside kangakanani? nakulowo omthwesa udaka oluqinile!


Bheka, kuphume abantu eGibithe, bembese ubuso bomhlaba; woza, ungiqalekisele bona; mhlawumbe ngizokwazi ukubanqoba ngibaxoshe.


Ngokuba ngiyakukwenza ube nodumo olukhulu, ngikwenze konke ongitshela khona; woza, ungiqalekisele laba bantu.


Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “Vuka, Balaki, uzwe; ngilalele, ndodana kaSipori!


Wabuyela kuye, bheka, wayemi ngasemnikelweni wakhe wokushiswa, yena nazo zonke izikhulu zakwaMowabi.


Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “Washo uBileyamu indodana kaBeyori, indoda evule amehlo yathi:


Wawabheka amaKheni, wathatha isimo sakhe, wathi: “Iqina indawo yakho yokuhlala; wakha isidleke sakho edwaleni.”


Wasethatha umfanekiso wakhe, wathi: Maye, ngubani oyakuphila, uma uNkulunkulu ekwenza lokhu?


Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “Kusho uBileyamu indodana kaBeyori, indoda evule amehlo yathi:


Wakhuluma kubo omunye umfanekiso; Umbuso wezulu ufana nemvubelo, ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila yonke.


ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: Ngizavula umlomo wami ngemifanekiso; ngizakhuluma izinto ebezifihliwe kusukela ekusekelweni komhlaba.


Base befuna ukumbamba, kepha besaba isixuku, ngokuba bazi ukuthi uwukhulume ngabo lo mfanekiso; bamshiya, bamuka.


Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe; nangokuba bakuqashela uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori eMesopotamiya ukuba akuqalekise.


UmFilisti wathi: “Ngiyadelela namuhla impi yakwa-Israyeli; nginike indoda, silwe sobabili.


Inceku yakho ibulele kokubili ingonyama nebhere, futhi lo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, ngoba udelele amabutho kaNkulunkulu ophilayo.


UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nesihlangu; kepha mina ngiza kuwe egameni likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu Sebawoti ka-Israyeli.