U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nanko inqama ibanjwe emva kwakhe esihlahleni ngezimpondo zayo; u-Abrahama waya wayithatha inqama, wanikela ngayo ibe ngumnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.
UNumeri 23:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Yima ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngihambe; mhlawumbe iNkosi ingangihlangabeza; Futhi waya endaweni ephakeme. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBileyamu wathi kuBalaki: “Yima ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngihambe; mhlawumbe uJehova angafika ukungihlangabeza; konke angitshengisa khona ngiyakukutshela.” Waya edulini elingenalutho. IsiZulu 2020 UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Yima maqondana nomnikelo wakho wokushiswa, mina ngizohamba, mhlawumbe uSimakade uyohlangana nami, angikhombise izwi nanoma yikuphi engifanele ukuba ngikusho kuwe.” Wayesenyukela egqumeni eliyiqwaqwasi. |
U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nanko inqama ibanjwe emva kwakhe esihlahleni ngezimpondo zayo; u-Abrahama waya wayithatha inqama, wanikela ngayo ibe ngumnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.
Wathi: “Manje thatha indodana yakho, indodana yakho eyodwa, u-Isaka, oyithandayo, uye ezweni laseMoriya; umnikele khona abe ngumnikelo wokushiswa kwenye yezintaba engizakukutshela khona.
UNowa wamakhela uJehova i-altare; wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela ngeminikelo yokushiswa e-altare.
UJetiro, umukhwe kaMose, wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza u-Aroni nawo onke amalunga akwa-Israyeli ukuba badle isinkwa nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu.
Waphendula wathi: “Angiyikuqaphela yini ukukhuluma lokho uJehova akubeke emlonyeni wami na?”
Wathi kuBalaki: “Yima lapha ngasemnikelweni wakho wokushiswa, ngize ngihlangane neNkosi khona.”
UBalaki wenza njengokukhuluma kukaBileyamu; oBalaki noBileyamu banikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.
Kodwa uBileyamu waphendula wathi kuBalaki: “Angikutshelanga yini ngokuthi: Konke uJehova akukhulumayo ngiyakukwenza na?”
UNkulunkulu wahlangana noBileyamu, wathi kuye: “Ngalungisa ama-altare ayisikhombisa, nganikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.
UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akahambanga ukuyofuna imilingo njengakuqala, kepha wabhekisa ubuso bakhe ehlane.
USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo;
Kepha angivumanga ukumlalela uBileyamu; ngakho-ke usakubusisa; ngalokho nganisindisa esandleni sakhe.