uSihoni, inkosi yama-Amori, no-Ogi, inkosi yaseBashani, nemibuso yonke yaseKhanani;
UNumeri 21:33 - Contemporary Zulu Bible 2024 Base bephenduka bakhuphuka ngendlela yaseBashani, u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma ukulwa nabo, yena nabo bonke abantu bakhe, ekulweni e-Edireyi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Baphenduka, bakhuphuka ngendlela yaseBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma, wabasukela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuyokulwa ngase-Edireyi. IsiZulu 2020 Baphenduka, balibhekisa ngaseBhashani. U-Ogi inkosi yaseBhashani waphuma, wabahlasela yena nabo bonke abantu bakhe, balwa nabo empini yase-Edireyi. |
uSihoni, inkosi yama-Amori, no-Ogi, inkosi yaseBashani, nemibuso yonke yaseKhanani;
Intaba kaNkulunkulu injengentaba yaseBashani; intaba ephakeme njengentaba yaseBashani.
INkosi yathi: Ngizababuyisa eBashani, ngibuyise abantu bami ekujuleni kolwandle.
Umhlaba uyalila, udangele, iLebanoni limi ihlazo, ligawuliwe; iSharoni injengehlane; iBashani neKarmeli kuvuthulula izithelo zawo.
Ngama-oki aseBashani bawenza izigwedlo zakho; uquqaba lwase-Asiriya lwenze imibhede yakho ngezinyo lendlovu, balethwa eziqhingini zaseKitimi.
Niyakudla inyama yamaqhawe, niphuze igazi lezikhulu zomhlaba, ngelezinqama, nelamawundlu, nelezimbuzi, nezinkunzi, zonke ezikhuluphalisiweyo zaseBashani.
Zwanini leli zwi, zinkomo zaseBashani, eniphezu kwentaba yaseSamariya, enicindezela abampofu, nichoboza abampofu, enithi emakhosini abo: Lethani, siphuze!
UMose wabanika abantwana bakwaGadi, nabantwana bakwaRubeni, nenxenye yesizwe sakwaManase, indodana kaJosefa, umbuso kaSihoni, inkosi yama-Amori, nombuso ka-Ogi, inkosi yaseBashani, izwe nemizi yalo emikhawulweni, imizi yezwe nxazonke.
Ngemva kokubulala uSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshiboni, no-Ogi inkosi yaseBashani, owayehlala e-Ashitaroti e-Edireyi.
Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe ukuba amnikele esandleni sakho, njengokuba kubonakala namuhla.
Senifikile kule ndawo, uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani baphuma ukulwa nathi, sabahlula;
Ibhotela lezinkomo, nobisi lwezimvu, kanye namafutha amawundlu, nezinqama zohlanga lwaseBashani, nezimbuzi, kanye namanoni ezinso zikakolweni; waphuza igazi lamagilebhisi elicwengekileyo.
Balidla izwe lakhe nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani, amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasempumalanga;
nesifunda esisogwini sika-Ogi inkosi yaseBashani owayengowensali yamaRefa ayehlala e-Ashitaroti nase-Edireyi,
wonke umbuso ka-Ogi eBashani owabusa e-Ashitaroti nase-Edireyi owasala ensalini yamaRefa; ngoba bamnqoba uMozisi, babaxotsha.
Umkhawulo wabo wasukela eMahanayimi, lonke iBashani, wonke umbuso ka-Ogi, inkosi yaseBashani, nayo yonke imizana yaseJayire eseBashani: imizi engamashumi ayisithupha;
nakho konke akwenza emakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, kuSihoni, inkosi yaseHeshiboni, naku-Ogi inkosi yaseBashani owayese-Ashitaroti.