Itabernakele ladilizwa; amadodana kaGereshoni namadodana kaMerari asuka, alithwala itabernakele.
UNumeri 2:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke itende lokuhlangana kumelwe likhuphuke kanye nekamu lamaLevi phakathi kwekamu; njengalokhu bemisa, bayakukhuphuka kanjalo, kube yilowo nalowo endaweni yakhe njengebhanela lakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Itende lokuhlangana liyakusuka kanye nekamu lamaLevi, liphakathi kwamakamu; njengalokhu bemisa, kanjalo bayakusuka, kube yilowo nalowo muntu endaweni yakhe, ngamabhanela* abo. IsiZulu 2020 Ithende lokuhlangana nenkambu yabaLevi kuyakusuka kube phakathi kwezinye izinkambu. Bayakusuka njengalokho bebekanisile, yilelo nalelo qembu endaweni yalo, ngokwamaviyo alo. |
Itabernakele ladilizwa; amadodana kaGereshoni namadodana kaMerari asuka, alithwala itabernakele.
Ibhanela lekamu lika-Efrayimi liyakuba ngasohlangothini lwasentshonalanga ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi siyakuba ngu-Elisama indodana ka-Amihudi.
Abamisa phambi kwetabernakele ngasempumalanga phambi kwetende lokuhlangana ngasempumalanga, bayakuba ngoMose no-Aroni namadodana akhe abagcina inkonzo yendlu engcwele enkonzweni yabantwana bakwa-Israyeli; futhi umfokazi osondelayo kumelwe abulawe.
Ngokuba noma ngingekho ngenyama, nokho nginani ngomoya, ngithokoza, ngibona ukuhleleka kwenu, nokuqina kokukholwa kwenu kuKristu.