Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseKolose 2:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba noma ngingekho ngenyama, nokho nginani ngomoya, ngithokoza, ngibona ukuhleleka kwenu, nokuqina kokukholwa kwenu kuKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona kini ngomoya ngithokoza, ngibona inhlelo yenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Noma mina siqu sami ngingekho phakathi kwenu, kodwa nginani ngomoya, ngiyathokoza uma ngibona ukuhleleka kwenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKhristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Ngokuba noma ngingekho ngenyama, nokho nginani ngomoya, ngithokoza, ngibona ukuhleleka kwenu, nokuqina kokukholwa kwenu kuKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseKolose 2:5
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Iminikelo yokushiswa nayo yayiminingi kanye namanoni eminikelo yokuthula neminikelo yokuphuzwa yomnikelo ngamunye wokushiswa. Yayalwa kanjalo inkonzo yendlu kaJehova.


Ngoba inhliziyo yabo yayingaqondile kuye, futhi babengaqini esivumelwaneni sakhe.


Bangabi njengoyise, isizukulwane esinenkani nesihlubukayo; isizukulwane esingalungisanga inhliziyo yaso, nomoya waso ungagxili kuNkulunkulu.


UJehova wathi kuMose: “Bayakunikela ngomhlatshelo wabo wokwahlukanisela i-altare, yilowo nalowo isikhulu ngosuku lwaso.


Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni.


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu, nokukholwa eNkosini yethu uJesu Kristu.


Uma umuntu elambile, akadle ekhaya; ukuze lingabuthani ekulahlweni. Okuseleyo ngizakulungisa nxa ngifika.


Konke kakwenziwe ngemfanelo langokulandelana.


Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


Lindani, nime niqinile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.


Ngokuba ngithanda ukuba nazi ukuthi kungakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu, nangenxa yabaseLawodikeya, nabo bonke abangabubonanga ubuso bami enyameni;


Kepha thina, bazalwane, njengokuba sasuswa kini isikhathi esifushane ebusweni, kungenganhliziyo, sakhuthalela kakhulu kakhulu ukubona ubuso benu ngokufisa okukhulu.


Ngokuba manje siyaphila, uma nina nimi niqinile eNkosini.


Ngokuba senziwe abahlanganyeli bakaKristu, uma sibambelela ngokuqinile ekuqaleni kwethemba lethu kuze kube sekupheleni;


ithemba esilalo njengehange lomphefumulo, liqinisekile, liqinile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo;


melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezi zinhlupheko ziyafezwa kubazalwane benu abasezweni.


Lapho ebona ukuthi uzimisele ukuhamba naye, wayeka ukukhuluma naye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka