Bheka, ngiletha uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; nakho konke okusemhlabeni kuyakufa.
UNumeri 18:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bhekani, ngibathathile abafowenu, amaLevi, phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; kini banikelwe njengesipho kuJehova, ukuba benze inkonzo yetende lokuhlangana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bhekani, mina ngithabathe abafowenu amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; bayisipho kini, benikelwe kuJehova ukwenza umsebenzi wetende lokuhlangana. IsiZulu 2020 Bhekani, Mina ngithathe abafowenu abaLevi phakathi kwabantu bakwa-Israyeli. Bayisipho kini, esehlukaniselwe uSimakade ukwenza umsebenzi wethende lokuhlangana. |
Bheka, ngiletha uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; nakho konke okusemhlabeni kuyakufa.
Mina, bheka, ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe, bawalandele; ngizakhazimulisa uFaro lakulo lonke ibutho lakhe, lezinqola zakhe, labagadi bamabhiza bakhe.
Bheka, ngimnike u-Oholiyabe indodana ka-Ahisamagi wesizwe sakwaDani kanye naye;
Mina, yebo, ngikhulumile; yebo, ngimbizile; Ngimlethile, futhi uyophumelela indlela yakhe.
Mina nginguye oniduduzayo: ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe njengotshani;
Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuzihlola izimvu zami, ngizicinge.
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova kubo; Bheka, ngiyakwahlulela phakathi kwezimvu ezikhulupheleyo nezimvu ezondile.
Mina-ke, bheka, ngawathatha amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; ngalokho amaLevi ayakuba ngawami;
Ngoba wonke amazibulo angawami; ngokuba mhla ngibulala amazibulo onke ezweni laseGibithe, ngazingcwelisela kimi onke amazibulo akwa-Israyeli, abantu nawezilwane; bayakuba ngabami; nginguJehova.
Thatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo; amaLevi ayakuba ngawami. Mina nginguJehova.
AmaLevi uyakuwanika u-Aroni namadodana akhe; baphiwa kuye besuka phakathi kwabantwana bakoIsrayeli.