Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
UNumeri 17:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khuluma nabantwana bakwa-Israyeli, uthathe kubo induku ngokwezindlu zawoyise, kuzo zonke izikhulu ngezindlu zawoyise, izinduku eziyishumi nambili; bhala igama lawo wonke umuntu entongeni yakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthabathe kubo izintonga, ibe nye kuleyo naleyo ndlu kayise, kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili; loba wena igama lalowo nalowo muntu entongeni yakhe. IsiZulu 2020 “Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthathe kubo izintonga, ibe yinye kuleyo naleyo ndlu yokhokho babo, kubo bonke abaholi ngokwezindlu zokhokho; kube yizintonga ezili-12. Uyoloba igama lomniniyo entongeni yakhe. |
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
Bobabili ngohlu lozalo lwabapristi ngemindeni yabo namaLevi kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ngokwenkonzo yabo ngezigaba zabo;
Intonga yamandla akho uJehova iyakuyelula iseSiyoni; ubuse phakathi kwezitha zakho.
Ngokuba intonga yababi ayiyikuhlala esabelweni sabalungileyo; ukuze abalungileyo bangeluli izandla zabo ebubini.
Kwaphuma umlilo odondolweni lwamagatsha awo, wadla isithelo sawo, akwaze kwaba nodondolo olunamandla lokuba yintonga yobukhosi. Kuyisililo, futhi kuyoba ngelesililo.
Liloliwe ukwenza ukubulala okunzima; silungisiwe ukuba sibengezele; pho, siyakujabula na? idelela intonga yendodana yami njengemithi yonke.
Ngoba kuyisivivinyo, futhi kuthiwani uma inkemba idelela ngisho nenduku? akusayikuba khona, isho iNkosi uJehova.
Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, umhlambi wefa lakho ohlala wodwa ehlathini phakathi kweKarmeli; mabadle eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.
Kumelwe ulobe igama lika-Aroni entongeni kaLevi, ngoba udondolo kumelwe lube lwenhloko yendlu yoyise.
Ngosuku uMose alimisa ngalo itabernakele, waligcoba, walingcwelisa kanye nezitsha zalo zonke, ne-altare nezitsha zalo zonke, waligcoba, walingcwelisa;