UJowabe indodana kaSeruya waqala ukubala, kepha akaqedanga, ngokuba intukuthelo yaphumela phezu kuka-Israyeli ngenxa yalokho; futhi inani alilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.
UNumeri 16:46 - Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wayesethi ku-Aroni: “Thatha umcengezi womlilo, uthele kuwo umlilo wase-altare, ubeke impepho phezu kwawo, ungene masinyane ebandleni, uwenzele ukubuyisana, ngokuba intukuthelo kaJehova isiphumile; isiqalile isifo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wathi ku-Aroni: “Thatha umcengezi wakho womlilo, ubeke kuwo umlilo wase-altare, ufake impepho ngaphezulu, ukuyise masinyane kuyo inhlangano, uyenzele ukubuyisana, ngokuba kuphume intukuthelo kuJehova; isifo sesiqalile.” IsiZulu 2020 UMose wathi ku-Aroni: “Thatha isitsha sempepho, ufake kuso amalahle avuthayo ase-althare, nempepho, uphuthume uye ebandleni uyolenzela ukubuyisana, ngokuba intukuthelo kaSimakade isiphumile, seluqalile ubhubhane.” |
UJowabe indodana kaSeruya waqala ukubala, kepha akaqedanga, ngokuba intukuthelo yaphumela phezu kuka-Israyeli ngenxa yalokho; futhi inani alilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.
Umkhuleko wami mawube yimpepho phambi kwakho; nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomhlatshelo.
Wayesethi uMose ku-Aroni nakumadodana akhe u-Eleyazare no-Itamari: “Ningambuli amakhanda enu, ningaklebhuli izingubo zenu; ukuze ningafi, futhi ulaka lungehleli phezu kwabantu bonke; kepha abafowenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, mabakhale ngomlilo uJehova awubasileyo.
Kwaphuma umlilo phambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; kwathi bonke abantu bekubona, bakhala, bawa ngobuso.
Ngoba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekutshoneni kwalo ibizo lami lizakuba likhulu phakathi kwezizwe; nasezindaweni zonke kuyoshiselwa igama lami umnikelo ohlanzekile, ngokuba igama lami liyakuba likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.
Kodwa amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele lobufakazi, funa kufike ulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lobufakazi.
Inyama isaphakathi kwamazinyo abo, ingakahlafunwa, intukuthelo kaJehova yavuthela abantu, uJehova wabashaya abantu ngokushaywa okukhulu kakhulu.
Kumelwe nigcine inkonzo yendlu engcwele nenkonzo ye-altare, ukuze intukuthelo ingabe isaba phezu kwabantwana bakwa-Israyeli.
Kuyakuba naso, nenzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade; ngoba wayeshisekela uNkulunkulu wakhe, wabenzela ukubuyisana abantwana bakwa-Israyeli.
Wamlandela umuntu wakwa-Israyeli wangena etendeni, wababhoboza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Kanjalo isifo sabantwana bakwa-Israyeli sanqandwa.
Ngamnika u-Aroni namadodana akhe amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, abe yisipho kubantwana bakwa-Israyeli, benze inkonzo yabantwana bakwa-Israyeli etendeni lokuhlangana, benzele abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana. Kasikho isifo phakathi kwabantwana bakoIsrayeli, lapho abantwana bakoIsrayeli besondela endlini engcwele.