Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 141:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Umkhuleko wami mawube yimpepho phambi kwakho; nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomhlatshelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Umkhuleko wami mawufane nempepho phambi kwakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami, njengomnikelo wakusihlwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 141:2
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ngesikhathi somhlatshelo womhlatshelo wakusihlwa u-Eliya umprofethi wasondela, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, makwazeke namuhla ukuthi uNkulunkulu wakho ukhona kwa-Israyeli! nokuthi ngiyinceku yakho, nokuthi ngenzile zonke lezi zinto ngezwi lakho.


Base bebuthana kimi bonke abathuthumela ngamazwi kaNkulunkulu ka-Israyeli ngenxa yesiphambeko somhambi; ngahlala ngimangele kwaze kwaba ngumnikelo wakusihlwa.


Phakamiselani izandla zenu endlini engcwele nidumise uJehova.


Yizwa izwi lokunxusa kwami, lapho ngikhala kuwe, lapho ngiphakamisela izandla zami endlini yakho engcwele.


Jehova, uyakulizwa izwi lami ekuseni; ekuseni ngiyakuwubhekisa kuwe umkhuleko wami, ngibheke phezulu.


Ngakho ngizakubusisa ngisaphila: ngiphakamise izandla zami ebizweni lakho.


Elinye iwundlu kumelwe ulilungise ekuseni; elinye iwundlu kumelwe ulilungise kusihlwa.


ne-altare lempepho, nezinti zalo, namafutha okugcoba, nempepho, nezilenge zomnyango ngasemnyango wetabernakele;


Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


Yebo, ngisakhuluma emkhulekweni, umuntu uGabriyeli engambona embonweni ekuqaleni, wandiza masinyane, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


Ngoba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekutshoneni kwalo ibizo lami lizakuba likhulu phakathi kwezizwe; nasezindaweni zonke kuyoshiselwa igama lami umnikelo ohlanzekile, ngokuba igama lami liyakuba likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, waqeda amadoda angamakhulu amabili lamatshumi amahlanu ababeletha impepha.


Kepha oPetru noJohane benyukela kanyekanye ethempelini ngehora lokukhuleka eliyihora lesishiyagalolunye.


Ngakho-ke ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, ngaphandle kolaka nokungabaza.


Kuthe seliyithathile incwadi, izidalwa ezine eziphilayo namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, ngayinye inehabhu nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka