UNumeri 16:35 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, waqeda amadoda angamakhulu amabili lamatshumi amahlanu ababeletha impepha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho. IsiZulu 2020 Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho. |
UNkulunkulu wethu uyakufika, angathuli; umlilo uyakudla phambi kwakhe, uvunguze kakhulu nxazonke.
Kwakumi phambi kwazo amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga endlu yakwa-Israyeli, noJahesaniya indodana kaShafani emi phakathi kwawo, kwaba yilowo nalowo ephethe umcengezi wakhe wempepho esandleni sakhe; kwenyuka ifu elinzima lempepho.
Bathathe, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe, bathele impepho kuwo, balethe phambi kukaJehova, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe, imicengezi yomlilo engamakhulu amabili namashumi ayisihlanu; nawe no-Aroni, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe.
Bema phambi kukaMose kanye nabanye babantwana bakwa-Israyeli, izikhulu zebandla ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, abantu abadumileyo ebandleni;
Bonke abakwa-Israyeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo, ngokuba bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi.”
Abafa ngesifo babe yizinkulungwane eziyishumi nane namakhulu ayisikhombisa, ngaphandle kwabafa endabeni kaKora.
Umhlaba wawuvula umlomo wawo, wabadla kanye noKora ekufeni kwaleso sixuku, lapho umlilo uqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, baba yisibonakaliso.
ONadabi no-Abihu bafa phambi kukaJehova ekuletheni umlilo ongafanele phambi kukaJehova ehlane laseSinayi, bengenabantwana; u-Eleyazare no-Itamari bakhonza ebupristini phambi kwamehlo kayise u-Aroni.
Uma kukhona ofuna ukuwonakalisa, kuphuma umlilo emlonyeni wawo, uqede izitha zawo;