UNumeri 14:32 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha nina, izidumbu zenu, ziyakuwa ogwadule. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nina-ke, izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane. IsiZulu 2020 Nina-ke, izidumbu zenu ziyakuphelela kuleli hlane. |
Izidumbu zenu zizawela ogwadule; nabo bonke ababalwayo kini ngokwenani lenu lonke, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, abakhononda ngami.
Kepha phakathi kwabo kwakungekho noyedwa kubo uMose no-Aroni umpristi abababalayo lapho bebala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.
Ngoba iNkosi yathi ngabo: Isibili bazafela enkangala. Akwasala muntu kubo, kuphela uKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.
Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wabazulazula ehlane iminyaka engamashumi amane, saze sabhubha sonke isizukulwane esasenza okubi emehlweni kaJehova.
Kodwa ngobani abadabukisayo iminyaka engamatshumi amane? Kwakungebona abonileyo, izidumbu zabo zawela ehlane na?