UNumeri 14:28 - Contemporary Zulu Bible 2024 Tshono kibo uthi: Kuphila kwami, itsho iN kosi, njengokukhuluma kwenu ezindlebeni zami, ngizakwenza njalo kini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yisho kubo ukuthi: ‘Kuphila kwami, ngiyakwenza kini impela njengalokho nikhulumile ezindlebeni zami: IsiZulu 2020 Yishoni kubo nithi: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho uSimakade, ngizokwenza kini njengalokhu enikushilo ezindlebeni zami. |
Ngokuba nginguJehova; Ngizokhuluma, futhi izwi engizolikhuluma liyokwenzeka; akusayikunwetshwa, ngokuba ezinsukwini zenu nina ndlu ehlubukayo ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, isho iNkosi uJehova.
Uma abantu bekhononda, kwakungalungile emehlweni kaJehova, uJehova wakuzwa; intukuthelo yakhe yavutha; umlilo kaJehova wavutha phakathi kwabo, wabaqeda ababesemikhawulweni yekamu.
Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni, inhlangano yonke yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibhithe! noma ngabe uNkulunkulu usifele ogwadule!
Ngempela, ngeke balibone izwe engalifungela okhokho babo, futhi akekho noyedwa walabo abangiklolodelayo oyolibona.
UMose wawakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli; abantu badabuka kakhulu.
Ngempela, amadoda akhuphuka eGibhithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngeke alibone izwe engalifunga ku-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngoba abangilandelanga ngokuphelele.
Impela akakho kulawa madoda alesi sizukulwane esibi oyobona lelo zwe elihle engafunga ukulinika oyihlo,
Isikhathi esahamba ngaso sisuka eKadeshi-bharineya saze sawela umfudlana iSeredi, sasiyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili; saze saqedwa sonke isizukulwane samadoda okulwa phakathi kwempi, njengokukhuluma kukaJehova kubo ngesifungo.
Ngokuba isandla sikaJehova impela sasimelene nabo ukubachitha empini baze baqedwe.
Ngoba ngiphakamisela isandla sami ezulwini ngithi: Ngiphila kuze kube nininini.
Kodwa ngobani abadabukisayo iminyaka engamatshumi amane? Kwakungebona abonileyo, izidumbu zabo zawela ehlane na?