Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 2:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Isikhathi esahamba ngaso sisuka eKadeshi-bharineya saze sawela umfudlana iSeredi, sasiyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili; saze saqedwa sonke isizukulwane samadoda okulwa phakathi kwempi, njengokukhuluma kukaJehova kubo ngesifungo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Izinsuku esahamba ngazo sisuka eKadeshi Barineya saze sawela umfula iZeredi zaziyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili, kwaze kwaphela isizukulwane samadoda empi phakathi kwekamu,* njengalokho uJehova afunga kuwo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 “Izinsuku esazihamba sisuka eKadeshi Bharineya size siyowela umfula iZeredi kwaba yiminyaka engama-38, saze saphela sonke leso sizukulwane samabutho empi phakathi kwenkambu, njengalokho uSimakade ayefungile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 2:14
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho wabaphakamisela isandla sakhe ukuze abawise enkangala.


Sithokozise ngokwezinsuku owasicindezela ngazo nangeminyaka esabona ngayo ububi.


Umyisa umuntu ekubhujisweni; wathi: Buyani, madodana abantu!


Ngokuba zonke izinsuku zethu ziphelele entukuthelweni yakho; sichitha iminyaka yethu njengendaba exoxwayo.


Engafunga kubo entukuthelweni yami ukuthi abayikungena ekuphumuleni kwami.


Kepha nami ngabaphakamisela isandla sami ehlane, ukuthi angiyikubangenisa ezweni engabanika lona, elichichima ubisi nezinyosi, elikhazimulayo emazweni onke;


INkosi yasikhuluma kuMozisi enkangala yeSinayi ethenteni lenhlangano, ngolokuqala lwenyanga yesibili, ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo elizweni leGibhithe, yathi:


Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe.


Ngempela, amadoda akhuphuka eGibhithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngeke alibone izwe engalifunga ku-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngoba abangilandelanga ngokuphelele.


Kepha uNkulunkulu akajabulanga ngabaningi babo, ngokuba bachithwa ehlane.


Sasuka eHorebe, sadabula lonke ihlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni yasentabeni yama-Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala; safika eKadeshi Barineya.


(Kuwuhambo lwezinsuku eziyishumi nanye ukusuka eHorebe ngomgwaqo osuka entabeni yaseSeyiri ukuya eKadeshi-Barineya.)


Nahlala izinsuku eziningi eKadeshi njengezinsuku enazihlala khona;


Sukumani manje, niwele umfula iSeredi; Futhi sawela umfudlana iSeredi.


Kwathi lapho onke amaqhawe esephelile, efa phakathi kwabantu;


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho; Uyakwazi ukuhamba kwakho kulolugwadule olukhulu; ngoba le minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho wayenawe; entula lutho.


Lapho bembiza uJehova, wabeka ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibhithe, waletha ulwandle phezu kwabo, wabasibekela; amehlo enu akubona engakwenzayo eGibithe, nahlala isikhathi eside ehlane.


Nasi isizathu sokuba uJoshuwa abasoke: Bonke abantu abaphuma eGibhithe, abesilisa, yebo, wonke amadoda empi, bafela ehlane endleleni ngemva kokuphuma kwabo eGibhithe.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, aze abhubha onke amaqhawe aphuma eGibithe, ngokuba bengalilalelanga izwi likaJehova; uJehova afunga kubo ukuthi akayikuba nalutho. Sibabonise izwe uJehova alifungela okhokho babo ukusinika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi.


Ngakho-ke ngiyakunikhumbuza, noma benazi lokhu ngaphambili, ukuthi iNkosi, isisindise abantu ezweni laseGibithe, yabuye yabhubhisa abangakholwanga.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka