Kepha yena wahamba ibanga losuku ehlane, wafika wahlala phansi komjunipha; futhi wazibuza ukuthi kufanele afe; wathi: Kwanele; manje, Jehova, susa ukuphila kwami; ngoba kangingcono kulobaba.
UNumeri 14:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni, inhlangano yonke yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibhithe! noma ngabe uNkulunkulu usifele ogwadule! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni; yonke inhlangano yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibithe, noma sengathi nga safa kuleli hlane. IsiZulu 2020 Bonke abantu bakwa-Israyeli bakhononda ngoMose no-Aroni, bathi kubo: “Sengathi ngabe safela eGibhithe, kunokuba sizofela kuleli hlane. |
Kepha yena wahamba ibanga losuku ehlane, wafika wahlala phansi komjunipha; futhi wazibuza ukuthi kufanele afe; wathi: Kwanele; manje, Jehova, susa ukuphila kwami; ngoba kangingcono kulobaba.
Kungani ngingafanga esizalweni sikanina? kungani ngingawulahlanga umoya ngiphuma esiswini?
Base bethi kuMose: “Ngokuba kwakungekho mathuna eGibithe wasisusa ukuba sifele ehlane na?” wasenzelani kanje, wasikhipha eGibithe na?
Abantu bakhona bomele amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale ngokoma thina nabantwana bethu nemfuyo yethu na?
Ngalokho, Jehova, susa ukuphila kwami kimi; ngoba kungcono kimi ukufa kulokuphila.
Kwathi ekuphumeni kwelanga, uNkulunkulu walungisa umoya wasempumalanga onamandla; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waquleka, wafuna ukufa phakathi kwakhe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”
Uma abantu bekhononda, kwakungalungile emehlweni kaJehova, uJehova wakuzwa; intukuthelo yakhe yavutha; umlilo kaJehova wavutha phakathi kwabo, wabaqeda ababesemikhawulweni yekamu.
Uma ningenza kanjalo, ngibulaleni, uma ngifumene umusa emehlweni enu; futhi mangingaluboni usizi lwami.
Sicabanga ngezinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle; ukhukhamba, namakhabe, namalikhi, no-anyanisi, nesweli;
Ibandla lonke laphakamisa izwi lalo, lakhala; basebekhala abantu ngalobobusuku.
Ngokuba bonke labo bantu ababona inkazimulo yami nezimangaliso zami engazenza eGibithe nasehlane, manje sebengilingile izikhathi eziyishumi, abalalelanga izwi lami;
Kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elichichima ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane, uma ungazenzi ngokuphelele isikhulu phezu kwethu na?
Kodwa ngangomuso yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yakhonona ngoMose no-Aroni, yathi: “Nibabulele abantu beNkosi.
UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli; yileso naleso izikhulu zabo zamnika intonga, yileso naleso sikhulu ngemindeni yabo, izinduku eziyishumi nambili; intonga ka-Aroni yayiphakathi kwezinti zabo.
Abantu baphikisana noMose, bakhuluma bathi: “Sengathi nga safa lapho abafowethu bafa phambi kukaJehova!
Niletheleni ibandla leNkosi kuleli hlane, ukuze sifele khona thina nemfuyo yethu?
Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? ngokuba akukho sinkwa namanzi; umphefumulo wethu uyasenyanya lesi sinkwa esilula.
Nakhonona ematendeni enu, nathi: ‘Ngokuba uJehova wayesizondile, wasikhipha ezweni laseGibithe ukuze asinikele esandleni sama-Amori ukuba asibhubhise.
Ngokunjalo lapho uJehova enithuma nisuka eKadeshi-Barineya ukuthi: ‘Khuphukani nilidle izwe engininike lona; nahlubuka emyalezweni kaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, anililalelanga izwi lakhe.
Ngoba abanye sebezwile bathukuthela, kodwa kakusibo bonke abaphuma eGibhithe ngoMozisi.
Laba ngabakhonondi nabasolayo, behamba ngezabo izinkanuko; nomlomo wabo ukhuluma izikhukhula, betusa ubuso babantu ngenxa yenzuzo.