Yizwa usezulwini, uthethelele isono sabantu bakho u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owalinika oyise.
UNumeri 14:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Xolela ububi balaba bantu ngokobukhulu bomusa wakho, njengalokho ubathethelele laba bantu kusukela eGibithe kuze kube manje. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ake uthethelele ububi balaba bantu ngokobukhulu bomusa wakho, njengalokho uyekele laba bantu kusukela eGibithe kuze kube manje.” IsiZulu 2020 Bathethelele laba bantu ububi babo ngokobukhulu bomusa wakho, njengalokho ubathethelele laba bantu kusukela eGibhithe kuze kube manje.” |
Yizwa usezulwini, uthethelele isono sabantu bakho u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owalinika oyise.
Kodwa manje, uma ufuna ukubathethelela isono sabo—; uma kungenjalo, ngesule encwadini yakho oyilobile.
INkosi yasisithi kuMozisi: Lami ngizakwenza lokhu okutshileyo, ngoba ufumene umusa emehlweni ami njalo ngiyakwazi ngebizo.
Wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, Nkosi, iNkosi yami mayingene phakathi kwethu; ngoba bangabantu abanenkani; usithethelele ububi bethu nezono zethu, usithathe njengefa lakho.
Omubi makashiye indlela yakhe, nongalungile imicabango yakhe; aphenduke eNKOSIni, njalo izaba lesihawu kuye; nakuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakuthethelela kaningi.
O Nkosi, yizwa; O Nkosi, thethelela; Jehova, yizwa, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba igama lakho libizwe phezu komuzi wakho naphezu kwabantu bakho.
Kwathi seziqedile ukudla utshani belizwe, ngathi: Nkosi Jehova, ngithethelele; uJakobe uzakuma ngobani? ngoba mncane.
Ngasengisithi: Nkosi Jehova, yima! uJakobe uyakusukuma ngobani na? ngoba mncane.
UNkulunkulu wabona izenzo zabo, ukuthi baphenduka endleleni yabo embi; uNkulunkulu wazisola ngobubi abethi uyakubenza kubo; futhi akakwenzanga.
Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, akusikho lokho engakusho ngisezweni lakithi na? Ngalokho ngabalekela eTharishishi ngaphambili, ngokuba ngangazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nesihe, obhekakade, nochichima umusa, futhi uyaphenduka ebubini.
Ngubani onguNkulunkulu onjengawe, othethelela ububi, adlule isiphambeko sensali yefa lakhe? Akayigodli intukuthelo yakhe kuze kube phakade, ngokuba ujabulela umusa.
Jehova, ngizwile izwi lakho, ngesaba; Jehova, mawuphile umsebenzi wakho phakathi kweminyaka, wazise phakathi kweminyaka; olakeni khumbula umusa.
Akabonanga bubi kuJakobe, no-Israyeli akabonanga nkohliso; uJehova uNkulunkulu wakhe unaye, nokukhala kwenkosi kuphakathi kwabo.
Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; uma enzile izono, uyakuthethelelwa.