UNumeri 14:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lababantu bengidlala? Koze kube nini bengangikholwa ngenxa yazo zonke izibonakaliso engizenzile phakathi kwabo na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi: “Koze kube nini laba bantu bengidelela na? Koze kube nini bengakholwa yimi ngezibonakaliso zonke engizenzile phakathi kwabo na? IsiZulu 2020 USimakade wayesekhuluma kuMose, wathi: “Kuyoze kube nini laba bantu bengedelela na? Kuyoze kube nini bengakholwa yimi nayizibonakaliso zonke engizenze phakathi kwabo na? |
Kukho konke lokhu baqhubeka bona njalo kabakholwanga yimisebenzi yakhe yamandla.
Ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengasekulingweni nanjengasosukwini lokulingwa ehlane.
OMose no-Aroni bafika kuFaro, bathi kuye: “Isho kanje iNkosi uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ithi: Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? yekela abantu bami bahambe, ukuze bangikhonze.
INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lisala ukugcina imilayo yami lemithetho yami?
Mnakekele futhi ulalele izwi lakhe, ungamgconi; ngoba kayikuthethelela iziphambeko zenu, ngoba ibizo lami likuyo.
INkosi yasisithi kuMozisi: Ngibabonile lababantu; khangela, bangabantu abanenkani.
Koze kube nini nina zithutha nithanda ubuwula? nezideleli zijabulela ukuklolodela, neziwula zizonda ukwazi?
Laba bantu ababi abala ukulalela amazwi ami, abahamba ngobulukhuni benhliziyo yabo, balandele abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhulekele, bayakuba njengaleli bhande eliyize.
Jerusalema, geza inhliziyo yakho ebubini, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho eyize ihlala kini na?
Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; abahambanga ngezimiso zami, badelela izahlulelo zami, okuthi uma umuntu ezenza, aphile ngazo; amasabatha ami bawangcolisa kakhulu;
Ithole lakho, Samariya, likwalile; intukuthelo yami iyabavuthela; kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi bathole ubumsulwa?
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “ ‘Njengokuba ngacabanga ukunijezisa lapho oyihlo bangisulunga, usho uJehova Sebawoti, kepha angizisolanga.
Ngempela, ngeke balibone izwe engalifungela okhokho babo, futhi akekho noyedwa walabo abangiklolodelayo oyolibona.
Koze kube nini ngibekezelela leli bandla elibi elikhonona ngami na? Ngikuzwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli ababubula ngami.
UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? koze kube nini nginibekezelela? mletheni lapha kimi.
Wasephendula wathi kuye: O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani? koze kube nini nginibekezelela? mletheni kimi.
Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, nikholwe ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuye.
Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;
Ngoba abanye sebezwile bathukuthela, kodwa kakusibo bonke abaphuma eGibhithe ngoMozisi.
Futhi obani afunga kubo ukuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, ngaphandle kwalabo abangakholwanga na?
Ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni ngosuku lokulingwa ehlane;