Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 23:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Mnakekele futhi ulalele izwi lakhe, ungamgconi; ngoba kayikuthethelela iziphambeko zenu, ngoba ibizo lami likuyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Yiqaphele, ulalele izwi layo, ungayicunuli, lokhu ayiyikuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 Ilalelisise, futhi uyithobele. Ungayivukeli, ngokuba ayiyukuzithethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 23:21
41 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yangeni iNdodana, ukuze ingathukutheli, nibhubhe endleleni, uma intukuthelo yayo ivuka kancane. Babusisiwe bonke abamethembayo.


Futhi igama lakhe elikhazimulayo malituswe ingunaphakade, futhi umhlaba wonke mawugcwaliswe ngenkazimulo yakhe; Amen, futhi Amen.


Bamgcona kaningi ogwadule, bemenza lusizi ogwadule!


Kodwa bamlinga, bamklolodela uNkulunkulu oPhezukonke, abagcinanga ubufakazi bakhe.


Ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova wedwa, ungoPhezukonke emhlabeni wonke.


UNkulunkulu wathi kuMose: NGINGENAKHO ENGIKHONA; wathi: Uzakutsho njalo kubantwana bakoIsrayeli ukuthi: UNGUYE ungithumile kini.


Hamba manje, uhole abantu, ubayise endaweni engakhuluma ngayo kuwe; bheka, iNgelosi yami ihamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela, ngiyakubahambela ngesono sabo.


Ngabonakala ku-Abrahama, ku-Isaka, nakuJakobe egameni likaNkulunkulu, uMninimandla onke, kodwa ngegama lami elithi JEHOVA ngangingaziwa kubo.


NginguJehova, yilo igama lami; angiyikunika omunye udumo lwami, nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.


Ukuze bazi kusukela empumalanga nasentshonalanga ukuthi akakho omunye ngaphandle kwami. NginguJehova, akakho omunye.


Ngokuba usho kanje oPhezukonke, ohlala phakade, ogama lakhe lingcwele; ngihlala phezulu nasendlini engcwele, ngikanye nabadabukileyo komoya othobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, ngivuselele inhliziyo yabadabukileyo.


Ngakho-ke iNkosi uqobo izakunika isibonakaliso; Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, iyibize ngokuthi u-Imanuweli.


Ngokuba konke ukulwa kweqhawe kunomsindo ophithizelayo, nezingubo ezigingqelwe egazini; kodwa kuyakuba ngumlilo nezinkuni zomlilo.


Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana, nombuso uyakuba sehlombe lakhe, negama lakhe liyakuthiwa oMangalisayo, uMluleki, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.


Ezinsukwini zayo uJuda uyohlengwa no-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama lakhe ayobizwa ngalo: INKOSI UBULUNGISA BETHU.


Ngizokuthethelela kanjani kulokhu? abantwana bakho bangishiyile, bafunga abangesibo onkulunkulu;


Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.


INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lababantu bengidlala? Koze kube nini bengangikholwa ngenxa yazo zonke izibonakaliso engizenzile phakathi kwabo na?


Mina, iNkosi, ngathi: Ngokuqinisekile ngizokwenza lokhu kuyo yonke le nhlangano embi engibuthelene yona; kuleli hlane bayakuqedwa, bafele khona.


Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, bayiqambe igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa, uNkulunkulu unathi.


Esakhuluma, bheka, ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.


Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, nikholwe ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuye.


ukuze bonke bahloniphe iNdodana, njengalokhu bedumisa uYise. Ongayihloniphi iNdodana akamhloniphi uYise oyithumileyo.


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.


Futhi kuyokwenzeka ukuthi noma ngubani ongawalaleli amazwi ami ayowakhuluma egameni lami, ngizowafuna kuye.


Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe, waze wafika kule ndawo, nahlubuka uJehova.


Ngokuba kuhlezi kuye ukugcwala konke kobuNkulunkulu ngokomzimba.


Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;


Ngoba abanye sebezwile bathukuthela, kodwa kakusibo bonke abaphuma eGibhithe ngoMozisi.


UJoshuwa wayesethi kubantu: “Aninakumkhonza uJehova, ngokuba unguNkulunkulu ongcwele; unguNkulunkulu onomhawu; kayikuthethelela iziphambeko zenu lezono zenu.


Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, kulabo abenza isono esingesiso esokufa. Kukhona isono sokufa; angisho ukuthi uyakusithandazela.


Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, isho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nezayo, uMninimandla onke.


Njalo ngizabulala abantwana bakhe ngokufa; namabandla onke ayakwazi ukuthi mina nginguye ohlola izinso nezinhliziyo;


Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi: Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile, futhi wabuye waphila;


Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi; “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu; avale kungavuli muntu;


Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Ubuzelani kanjalo ngegama lami, lokhu liyimfihlo na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka