UMose wakhetha amadoda anamandla ku-Israyeli wonke, wawamisa aba izinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi amahlanu nezinduna zeshumi.
UNumeri 13:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Thumani amadoda enu ukuze ahlole ilizwe laseKhanani engilinika abantwana bakoIsrayeli; kuzo zonke izizwe zoyise wothuma indoda ibe nye, kube yilowo nalowo abe yisikhulu phakathi kwabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Thuma wena abantu ukuba bahlole izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli; uthume umuntu waleso naleso sizwe sawoyise, kube yilowo nalowo abe yinduna phakathi kwabo.” IsiZulu 2020 “Thumela amadoda ukuba ayohlola iKhanani engizakulinika abantu bakwa-Israyeli. Uthumele umuntu abe munye kuleso naleso sizwana sokhokho babo, yilowo nalowo abe ngumholi phakathi kwaso.” |
UMose wakhetha amadoda anamandla ku-Israyeli wonke, wawamisa aba izinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi amahlanu nezinduna zeshumi.
INkosi yasisithi kuMozisi: Ngibuthele amadoda angamatshumi ayisikhombisa kubadala bakoIsrayeli, owaziyo ukuthi bangabadala babantu lezinduna zabo; uwalethe etendeni lokuhlangana, ukuze ame khona nawe.
Lawa angamagama amadoda uMose awathuma ukuba ahlole izwe. UMose wabiza uHoseya, indodana kaNuni, ngokuthi uJoshuwa.
UMose wabathuma besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; wonke lawo madoda ayezinhloko zabantwana bakwa-Israyeli.
Yilokho oyihlo abakwenzayo lapho ngibathuma besuka eKadeshi-Barineya ukuba babone izwe.
Kumelwe nithathe isikhulu esisodwa esizweni ngasinye ukuze nihlukaniselane izwe ngokwefa.
Ngase ngithatha izikhulu zezizwe zenu, amadoda ahlakaniphileyo nabadumileyo, ngabamisa baba yizinhloko phezu kwenu, izinduna zenkulungwane nezinduna zekhulu nezinduna zamashumi ayisihlanu nezinduna zeshumi nezinduna ezizweni zenu.
Ngokunjalo lapho uJehova enithuma nisuka eKadeshi-Barineya ukuthi: ‘Khuphukani nilidle izwe engininike lona; nahlubuka emyalezweni kaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, anililalelanga izwi lakhe.
Zithatheleni manje amadoda ayishumi nambili ezizweni zakwa-Israyeli, indoda eyodwa esizweni.