USara wathi: “UNkulunkulu ungenze ngahleka, ukuze bonke abakuzwayo bahleke nami.”
UmShumayeli 3:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokulila nesikhathi sokusina; IBHAYIBHELI ELINGCWELE isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka, isikhathi sokulila nesikhathi sokusina; IsiZulu 2020 isikhathi sokukhala, nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokulila, nesikhathi sokusina; |
USara wathi: “UNkulunkulu ungenze ngahleka, ukuze bonke abakuzwayo bahleke nami.”
Kwathi umphongolo kaJehova ufika emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide yeqa, isina phambi kukaJehova; wamdelela enhliziyweni yakhe.
Waphendula ukulila kwami kwaba ngukusina; Wangihlubula indwangu yamasaka, wangibhincisa intokozo;
Ngokuba ukufutheka kwakhe kuba ngokomzuzwana nje; emseni wakhe kukhona ukuphila: ukukhala kuhlezi ubusuku, kepha ekuseni kukhona intokozo.
UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma bamlandela bephethe izigubhu nokusina.
isikhathi sokulahla amatshe nesikhathi sokuqoqa amatshe; isikhathi sokugona, nesikhathi sokuyeka ukugona;
Thokozani ngosuku lwenhlanhla, kepha qaphelani ngosuku lokuhlupheka; uNkulunkulu wamisa omunye komunye, ukuze umuntu angafumani lutho emva kwakhe.
Zizwe ukhululekile ukukhuluma neJerusalema futhi umemeze kulo ukuthi impi yalo isiphelile, ukuthi ububi bayo buthethelelwe; ngokuba lamukeliswa okuphindwe kabili esandleni sikaJehova ngazo zonke izono zalo.
UJesu wathi kubo: “Abendlu yomyeni bangalila yini, umyeni enabo na? kodwa ziyakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo, khona-ke bezakuzila.
Omakhelwane bakhe nabazala bakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu esikhulu kuye; basebethokoza kanye laye.
Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphendukela ekusindisweni okungaphenduki kukho, kepha ukudabuka kwezwe kuveza ukufa.
Yibani lusizi, nilile, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukulila, nokujabula kwenu kube ukudabuka.