Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 3:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka, isikhathi sokulila nesikhathi sokusina;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 isikhathi sokukhala, nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokulila, nesikhathi sokusina;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokulila nesikhathi sokusina;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 3:4
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USara wathi: “UNkulunkulu ungenzile ukuba ngihlekeke; bonke abakuzwayo bayakungihleka.”


Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.


Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina; wangikhumula izingubo zami zokulila, wangembathisa ukujabula,


Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.


UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma emva kwakhe bephethe izigubhu, besina.


isikhathi sokuphonsa amatshe nesikhathi sokuqoqa amatshe, isikhathi sokugona nesikhathi sokungagoni;


Yenama ngosuku lwenhlanhla, kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo, ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona emva kwakhe.


Duduzani, nibaduduze abantu bami, usho uNkulunkulu wenu.


Qungani iJerusalema isibindi, nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile nokuthi buhlanguliwe ububi balo, ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyo ngazo zonke izono zalo.


‘Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.’


UJesu wathi kubo: “Abayeni bangalila yini, umyeni enabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila.


Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu sayo saba sikhulu kuye, bathokoza naye.


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.


Yibani lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka