Isikali esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova, kepha isisindo esihle siyintokozo yakhe.
UMikha 6:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngingababala ngimsulwa ngilesilinganiso esibi kanye lesaka lezisindo zenkohliso? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ukhona ohlanzekile onesilinganiso esibi nesikhwama sezisindo ezikhohlisayo na? IsiZulu 2020 Ngingathalalisa yini ngezikali zokuqola nesaka lesisindo sobuqili na? |
Isikali esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova, kepha isisindo esihle siyintokozo yakhe.
Isisindo nesikali esilungile kungokukaJehova; zonke izisindo zesikhwama zingumsebenzi wakhe.
Izisindo ngezilinganiso nezilinganiso ezahlukene, kuyisinengiso kuJehova kokubili.
Ungumthengisi, izilinganiso zenkohliso zisesandleni sakhe; uthanda ukucindezela.
Kuphela niyakuba nezikali, nezilinganiso ezinhle, ne-efa elihle, nehini elihle; nginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe.
Lathi: Kuzaphela nini ukwethwasa kwenyanga ukuze sithengise amabele? nesabatha, ukuze sihlukanise ukolweni ngokunciphisa i-efa neshekeli libe likhulu, sikhohlise isikali ngobuqili?
Wathi: “Kubi lokhu.” Wayiphonsa phakathi kwe-efa; waphonsa isisindo somthofu emlonyeni wayo.