Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 6:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngokuba ingcebo yalo igcwele ubudlova, nabakhileyo kuyo bakhulume amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova, nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Labo abacebileyo bakhona banobudlova obedlulele, nezakhamuzi zakhona zihubhuza amanga, nolimi lwenkohliso lusemlonyeni wazo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 6:12
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

O Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso nasolimini lwenkohliso.


Ngokuba abakhulumi ukuthula, kepha baceba izindaba zenkohliso ngabanokuthula ezweni.


Nokho bamthopha ngemilomo yabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo.


Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; wonke umuntu uthanda izipho futhi ujaha imivuzo; abahluleli izintandane, necala lomfelokazi alifiki kubo.


Ngokuba iJerusalema libhuqiwe, noJuda uwile, ngokuba ulimi lwabo nezenzo zabo zimelene noJehova ukuba bacunule amehlo enkazimulo yakhe.


Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli, nabantu bakwaJuda yisithombo sakhe esimnandi; funa ubulungisa, kepha bheka, ukukhala.


Ulimi lwabo lunjengomcibisholo obulalayo; likhuluma inkohliso: umuntu ukhuluma ukuthula kumakhelwane wakhe ngomlomo wakhe, kodwa enhliziyweni ubeka umlindo wakhe.


Lapho ngifuna ukuphulukisa u-Israyeli, ububi buka-Efrayimi babonakaliswa nobubi baseSamariya; ngoba benza amanga; isela liyangena, neviyo labaphangi liphanga ngaphandle.


Maye kubo! ngoba bangibalekile, incithakalo iphezu kwabo. Ngoba beqile kimi; nakuba ngibahlengile, bakhuluma amanga ngami.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda, nangenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwakhe; ngokuba badelela umthetho kaJehova, kabagcinanga imiyalo yakhe, amanga abo abadukisa njengalokho abahamba oyise.


elala emibhedeni yophondo lwendlovu, yelula emibhedeni yayo, idle amawundlu ezimvu namathole esibayeni;


Ngalolo suku ngiyophinde ngijezise bonke abeqa embundwini, abagcwalisa izindlu zamakhosi abo ngobudlova nangenkohliso.


Izikhulu zawo phakathi kwawo zingamabhubesi abhodlayo; abahluleli bawo bayizimpisi zasebusuku; abadli amathambo kuze kuse.


NamaJuda avuma, ethi lezi zinto zinjalo.


Umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; ngolimi lwabo basebenzisa inkohliso; ubuthi bezinyoka buphansi kwezindebe zabo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka