Manje, O Nkulunkulu wethu, siyakuthini ngemva kwalokhu? ngoba siyishiyile imiyalo yakho.
UJoshuwa 7:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 O Nkosi, ngiyakuthini uma u-Israyeli efulathela izitha zakhe na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE O Nkosi, ngiyakuthini, lapha abakwa-Israyeli sebefulathele izitha zabo na? IsiZulu 2020 Hawu, Nkosi! Sengizothini njengoba u-Israyeli efulathele wehlulwa yizitha zakhe, na? |
Manje, O Nkulunkulu wethu, siyakuthini ngemva kwalokhu? ngoba siyishiyile imiyalo yakho.
Ngiyakuma ewashini lami, ngihlale phezu kombhoshongo, ngibuke ukuba ngibone ukuthi uyakuthini kimi nokuthi ngiyakuphendula ngokuthini lapho ngisolwa.
UJoshuwa wayesethi: “Awu, Nkosi Jehova, ubaweliseleni lababantu iJordani ukuba usinikele esandleni sama-Amori ukuba asibhubhise na? Sengathi ngabe sathokoza kuNkulunkulu, sahlala phesheya kweJordani!
Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayokuzwa basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; futhi uyakwenzani egameni lakho elikhulu?
Lapho amadoda efika ekamu, amadoda amakhulu akwa-Israyeli athi: “UJehova usibulaleleni phambi kwamaFilisti na? Masihambe siyosithathela umphongolo wesivumelwano sikaJehova eShilo, ukuze usisindise esandleni sezitha zethu, uma ungena phakathi kwethu.