Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 7:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayokuzwa basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; futhi uyakwenzani egameni lakho elikhulu?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayakukuzwa, basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; uyakwenzela ntoni igama lakho elikhulu na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 AmaKhanani nabo bonke abakhileyo kuleli lizwe bazokuzwa ngalokhu bese beyasizungeza, balishabalalise igama lethu emhlabeni. Uyakulenzelani-ke igama lakho elikhulu kangaka, na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 7:9
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ungasiphi thina, Jehova, ungasiphi thina, kodwa ulidumise igama lakho, ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.


Njengebizo lakho, O Nkulunkulu, lunjalo udumo lwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba: Isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.


Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, ngenxa yegama lakho, usisindise, uhlanze izono zethu ngenxa yegama lakho.


Bathi: “Wozani, sibaqothule, babe yisizwe; ukuze igama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.


Ngokuba benze icebo nganhliziyonye, bahlangene nawe;


Kungani amaGibhithe azakhuluma athi: Nguye owabakhupha ebubini ukuze ababulalele ezintabeni futhi abaqede emhlabeni? Phenduka olakeni lwakho futhi uphenduke kulobu bubi obumelene nabantu bakho.


Kodwa ngakwenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa phambi kwezizwe ababephakathi kwazo, engazazisa kubo phambi kwamehlo azo ngokubakhupha elizweni leGibhithe.


Abapristi, izinceku zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: ‘Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli ifa lakho libe yihlazo, ukuze abezizwe babuse phezu kwabo; bangasho ngani phakathi kwabantu ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?


Khona isitha sami siyakubona, simbozwe amahloni esasithi kimi: ‘Uphi uJehova uNkulunkulu wakho? amehlo ami ayakumbheka; manje liyakunyathelwa phansi njengodaka lwezitaladi.


UMozisi wasesithi eNkosini: AmaGibhithe azakuzwa, ngoba wena ukhuphule lababantu phakathi kwabo ngamandla akho;


Baba, khazimulisa ibizo lakho. Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise.


Izwe owasikhipha kulo malingasho ukuthi: ‘Ngokuba uJehova wayengenakubangenisa ezweni abathembisa lona, nangokuba wayebazonda, wabahola ukuba ababulale ehlane.


UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Sukuma; ucambalale kanje ngobuso bakho?


O Nkosi, ngiyakuthini uma u-Israyeli efulathela izitha zakhe na?


Ngokuba uJehova akayikubalahla abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, ngokuba kwaba kuhle kuJehova ukunenza abantu bakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka