Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 7:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJoshuwa wayesethi: “Awu, Nkosi Jehova, ubaweliseleni lababantu iJordani ukuba usinikele esandleni sama-Amori ukuba asibhubhise na? Sengathi ngabe sathokoza kuNkulunkulu, sahlala phesheya kweJordani!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJoshuwa wathi: “Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ubaweliseleni iJordani nakanye laba bantu ukuba usinikele esandleni sama-Amori, usibhubhise, na? Sengathi nga saneliswa ukuhlala ngaphesheya kweJordani!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 UJoshuwa wathi: “Maye, Simakade Nkulunkulu! Ubawezeleni laba bantu iJordani, ukuzosinikela esandleni sama-Amori ukuba asibhubhise, na? Bekungcono ukuba sivele sahlala khona phesheya kweJordani!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 7:7
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yakwa-Israyeli yathi: “Awu! uJehova wawabizela ndawonye lawo makhosi amathathu ukuba awanikele esandleni sikaMowabi.


Ngathi ngokuphangisa kwami: Bonke abantu banamanga.


Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, sihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla inala yesinkwa; ngoba nisikhiphise kuleli hlane ukuba nibulale lonke leli bandla ngendlala.


Abantu bakhona bomele amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale ngokoma thina nabantwana bethu nemfuyo yethu na?


Ngoba iNkosi yayingelamandla okungenisa lababantu elizweni eyabathembisa isifungo, ngakho yababulala enkangala.


UJehova usiletheleni kuleli zwe ukuba siwe ngenkemba, omkethu nabantwana bethu babe yimpango na? Bekungengcono yini ukuba sibuyele eGibithe na?


UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? koze kube nini nginibekezelela? mletheni lapha kimi.


UJesu wathi kubo: “Ngenxa yokungakholwa kwenu; futhi iyosuka; njalo kakukho okungenzeki kini.


Senikhohliwe isiyalezo esikhuluma kini njengakubantwana sokuthi: Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, ungaphelelwa amandla, lapho usolwa yiyo;


UJoshuwa waklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli, bathela uthuli emakhanda abo.


O Nkosi, ngiyakuthini uma u-Israyeli efulathela izitha zakhe na?


Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka bakhala phambi kukaJehova kwaze kwahlwa, bacela iseluleko kuJehova bathi: “Ngiphinde ngenyuke ngiyokulwa nabantwana bakwaBhenjamini, umfowethu na?” Khona-ke uJehova wathi: “Khuphukani ngiyokulwa naye.


Lapho amadoda efika ekamu, amadoda amakhulu akwa-Israyeli athi: “UJehova usibulaleleni phambi kwamaFilisti na? Masihambe siyosithathela umphongolo wesivumelwano sikaJehova eShilo, ukuze usisindise esandleni sezitha zethu, uma ungena phakathi kwethu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka