Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJoshuwa 23:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

Yibani nesibindi kakhulu nigcine, nenze konke okulotshwe encwadini yomthetho kaMose, ukuze ningaphambuki kuyo niye kwesokunene noma ngakwesokhohlo;

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Yimani kakhulu isibindi ukugcina nokwenza konke okulotshiwe encwadini yomthetho kaMose, ukuze ningachezuki kukho ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

“Ngakho-ke qinani kakhulu ukuze nigcine futhi nenze konke okulotshwe encwadini yomthetho kaMose, ukuba ningachezukeli kwesokunene noma kwesokhohlo,

Uka jalj uñjjattʼäta



UJoshuwa 23:6
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ugcine umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe, njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo; futhi nomaphi lapho uphendukela khona;


Angiyikubeka okubi phambi kwamehlo ami; ngiyawuzonda umsebenzi wabahlubukayo; ngeke kunginamathele.


Angichezuki ezahlulelweni zakho, ngokuba ungifundisile.


Futhi bagoba ulimi lwabo njengomnsalo ukuze baqambe amanga, kodwa kabanasibindi ngeqiniso emhlabeni; ngoba basuka kokubi baye kokubi, njalo kabangazi, kutsho i Nkosi.


Lindani, nime niqinile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.


Konke engikuyala ngakho, nikwenze ngokucophelela;


Ukuze inhliziyo yakhe ingaziphakamisi phezu kwabafowabo, angaphambuki emyalweni wakhe, ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze andise izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe phakathi kuka-Israyeli.


Ungaphambuki kunoma yiliphi lamazwi engikuyala ngawo namuhla, uye kwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukulandela abanye onkulunkulu ukuba ubakhonze.


Ngakho lizakwenza lokunanzelela njengokukulaya kukaJehova uNkulunkulu wakho: lingaphambukeli ngakwesokunene loba kwesokhohlo.


Anikalwi kuze kube segazini nilwa nesono.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.