Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 5:32 - Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ngakho lizakwenza lokunanzelela njengokukulaya kukaJehova uNkulunkulu wakho: lingaphambukeli ngakwesokunene loba kwesokhohlo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 “Niyakuqaphela ukwenza njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphenduki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

32 “Niyoqaphela ukuba nenze njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphendukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 5:32
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izimiso, nezimiso, nomthetho, nomyalo anilobela khona, niyakukwenza ngokucophelela kuze kube phakade; futhi akumelwe nesabe abanye onkulunkulu.


Kangisayikwenza ukuthi inyawo zakoIsrayeli zisuke elizweni engalinika oyise; kuphela uma benza ngokucophelela njengakho konke engibayale ngakho nanjengomthetho wonke abayala ngawo inceku yami uMose.


Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngezindlela zonke zikaDavide uyise, akaphambukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


Labo abaphambukela ezindleleni zabo eziyisigwegwe, uJehova uyakubahola kanye nabenzi bobubi, kepha ukuthula kube phezu kuka-Israyeli.


Ubani ongaqonda amaphutha akhe? Ngihlanze emaphutheni afihliweyo.


Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, khanyisa ubuso bakho; futhi siyakusindiswa.


Ngoba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, nokuphila, nokuthula.


Ungaphendukeli ngakwesokunene noma ngakwesobunxele; susa unyawo lwakho ebubini.


Izindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho lithi: Nansi indlela, hambani ngayo, lapho niphambuka ngakwesokunene, nalapho niphambuka ngakwesokhohlo.


NginguJehova uNkulunkulu wenu; hambani ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze;


Inceku yami uDavide iyakuba yinkosi phezu kwabo; futhi bonke bayoba nomalusi oyedwa; bayakuhamba ngezimiso zami, bagcine izimiso zami, bazenze.


Kumelwe wenze ngokucophelela zonke izimiso nezahlulelo engizibeka phambi kwakho namuhla.


Konke engikuyala ngakho, nikwenze ngokucophelela;


Njengomthetho abayakunifundisa wona, nanjengesahlulelo abayakukutshela sona, nikwenze;


Ukuze inhliziyo yakhe ingaziphakamisi phezu kwabafowabo, angaphambuki emyalweni wakhe, ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze andise izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe phakathi kuka-Israyeli.


Qaphela isifo sochoko, ukuqaphele, wenze njengalokho abapristi bamaLevi beyakukufundisa; njengalokho ngabayala, nenze njalo ngokucophelela.


Ungaphambuki kunoma yiliphi lamazwi engikuyala ngawo namuhla, uye kwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukulandela abanye onkulunkulu ukuba ubakhonze.


Salithatha izwe labo, salinika abakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase njengefa.


Kumelwe niyigcine ngokucophelela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu nobufakazi bakhe nezimiso zakhe aniyale ngazo.


Kuyakuba ngukulunga kithi, uma sigcina nokuyenza yonke le miyalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho eyalile kithi.


Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza; ukuze kukuhambele kahle, nande, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi.


Yonke imiyalo enginiyala ngayo namuhla niyakugcina ukuyenza ukuba niphile, nande, ningene nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo.


Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, ukuze wenze ngokucophelela ngokomthetho wonke uMose, inceku yami, akuyala ngawo: ungaphambuki kuwo uye kwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.


Yibani nesibindi kakhulu nigcine, nenze konke okulotshwe encwadini yomthetho kaMose, ukuze ningaphambuki kuyo niye kwesokunene noma ngakwesokhohlo;


Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba bebengayazanga indlela yokulunga kunokuba sebeyazi bafulathele umyalo ongcwele abawunikwayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka