Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 23:6 - IsiZulu 2020

6 “Ngakho-ke qinani kakhulu ukuze nigcine futhi nenze konke okulotshwe encwadini yomthetho kaMose, ukuba ningachezukeli kwesokunene noma kwesokhohlo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Yimani kakhulu isibindi ukugcina nokwenza konke okulotshiwe encwadini yomthetho kaMose, ukuze ningachezuki kukho ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Yibani nesibindi kakhulu nigcine, nenze konke okulotshwe encwadini yomthetho kaMose, ukuze ningaphambuki kuyo niye kwesokunene noma ngakwesokhohlo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 23:6
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Gcina isiyalezo akuyala ngaso uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe. Gcina izimiso zakhe, imithetho yakhe, imiyalo yakhe nobufakazi bakhe, njengalokhu kubhalwe emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke oyokwenza nakulokho oyophendukela kukho.


Angizukuyibeka phambi kwamehlo ami into embi; ngiyakuzonda okwenziwa ngabahlubukayo, akuyukunamathela kimi.


Ezehlulelweni zakho, angichezuki, ngokuba Wena uyangifundisa.


“Bagobisele umnsalo wolimi emangeni, abaqinanga eqinisweni ezweni, ngokuba basuka kulobu bubi bedlulele kobunye; abangazi Mina,” kusho uSimakade.


Lindani, nime niqinile ekukholweni, nime isibindi, nibe namandla.


“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”


angaziboni engcono kunabafowabo, angaphambuki emiyalweni aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze zande izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe, phakathi kuka-Israyeli.”


Ungaphambuki kuwo wonke amazwi engikuyala ngawo namuhla, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ulandele abanye onkulunkulu, ubakhonze.


“Niyoqaphela ukuba nenze njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphendukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


Anikamelani nezono, nilwe kuze kube segazini.


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka