Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, umnini wezulu nomhlaba.
UJoshuwa 22:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJoshuwa wababusisa, wabamukisa, baya ematendeni abo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJoshuwa wayesebabusisa, wabamukisa; baya ematendeni abo. IsiZulu 2020 UJoshuwa wayesebabusisa, wabakhulula ukuba bahambe, bahamba babuyela emathendeni abo. |
Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, umnini wezulu nomhlaba.
UJosefa wamngenisa uyise uJakobe, wammisa phambi kukaFaro; uJakobe wambusisa uFaro.
UDavide eseqedile ukunikela iminikelo yokushiswa neminikelo yokubonga, wabusisa abantu egameni likaJehova Sebawoti.
Wababela abantu bonke, isixuku sonke sakwa-Israyeli, kwabesifazane namadoda, kwaba yilowo nalowo iqebelengwane lesinkwa, neqatha lenyama, negabha lewayini. Basuka bonke abantu baya ezindlini zabo.
UDavida wasebuyela ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: “Yeka ukukhazinyuliswa kwenkosi yakwa-Israyeli namuhla, ezivezile namuhla phambi kwezincekukazi zezinceku zayo, njengokuba umuntu oyisiwula eziveza ngokungenamahloni;
Ngosuku lwesishiyagalombili wabamukisa abantu, bayibusisa inkosi, baya ematendeni abo, bejabula, bejabula ezinhliziyweni zabo ngakho konke okuhle uJehova akwenzile encekwini yakhe uDavide nakubantu bakhe u-Israyeli.
Ngoba uquqaba lwabantu, abaningi bakwa-Efrayimi nakwaManase, kwa-Isakare nakwaZebuloni, alizange lizihlanze, kodwa ladla iphasika ngaphandle kwalokho okulotshiweyo. Kodwa uHezekiya wabathandazela wathi: “UJehova omuhle uthethelela wonke umuntu.
UMose wawubheka wonke umsebenzi, bheka, bawenza njengokuyala kukaJehova, bawenza; uMose wababusisa.
USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kwa-Israyeli; futhi kube yisibonakaliso esiyophikiswa;
USamuweli wayesebatshela abantu indlela yombuso, wayiloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova. USamuweli wayesebamukisa bonke abantu, kwaba yilowo nalowo waya endlini yakhe.
USawule wazikhethela amadoda ayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazo zazinoSawule eMigimasi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane inoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.
U-Eli wambusisa u-Elkana nomkakhe, wathi: “UJehova makakuphe inzalo ngalo wesifazane esikhundleni sokubolekwa uJehova. Basuka baya endlini yabo.