Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJoshuwa 22:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

Abantwana bakwa-Israyeli bezwa kuthiwa: “Bheka, abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase sebakhile i-altare phambi kwezwe laseKhanani emngceleni weJordani endleleni yabantwana bakwa-Israyeli. Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Abantwana bakwa-Israyeli bezwa kuthiwa: “Bhekani, abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakhile i-altare malungana nezwe laseKhanani eziyingeni zamatshe ngaseJordani ngaphesheya kwabantwana bakwa-Israyeli.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Abakwa-Israyeli bezwa ukuthi abakwaRubeni, abakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase bakhe i-althare malungana neKhanani ezifundeni ezingaseJordani, ohlangothini lwabakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJoshuwa 22:11
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lezo zinto zenzeka eBethabara ngaphesheya kweJordani, lapho uJohane wayebhapathiza khona.


Ngolokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni.


Wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona.


Kuyakuba khona indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba ahlale kuyo igama lakhe; lapho uyakuletha konke engikuyala ngakho; iminikelo yenu yokushiswa nemihlatshelo yenu, okweshumi kwenu nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu nazo zonke izithembiso zenu zekhethelo enizenza kuJehova.


Amadoda abaxosha ngendlela eya eJordani kwaze kwaba semazibukweni; kwathi lapho ababebaxosha sebephumile, balivala isango.


Sebefike emikhawulweni yaseJordani esezweni laseKhanani, abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i-altare ngaseJordani, i-altare elikhulu ukuba libukeke.


Isho kanje yonke inhlangano kaJehova, ithi: ‘Yisiphi isiphambeko esinenzile kuNkulunkulu ka-Israyeli ukuba nisuke kuJehova namuhla ngokuzakhela i-altare ukuba nihlubuke uJehova namuhla na?


Kodwa uma izwe lefa lenu lingcolile, dlulelani niye ezweni lefa likaJehova, lapho itabernakele likaJehova lihlala kulo, nidle ifa phakathi kwethu; kepha ungahlubuki kuJehova, ungasihlubuki, wazakhele i-altare ngase-altare likaJehova uNkulunkulu wethu.


AbakwaGileyadi badla iJordani phambi kwabakwa-Efrayimi; amadoda akwaGileyadi athi kuye: “UngumEfrayimi na? Uma ethi: Cha!