Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 20:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngolokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngosuku lokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe emnyango wethuna.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngolokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 20:1
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe noJose, nonina wamadodana kaZebedewu.


Wawubeka ethuneni lakhe elisha abeligubhe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wamuka.


Ngakho yala ukuba liqiniswe ithuna kuze kube lusuku lwesithathu, hlezi abafundi bakhe beze ebusuku, bamebe, bathi ebantwini: Uvukile kwabafileyo;


Bahamba-ke, baligcina ithuna, bebeka uphawu etsheni, nabalindi.


Ekupheleni kwesabatha, ngovivi ngolokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, bezobona ithuna.


Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yalisusa, yahlala phezu kwalo.


Wathenga ilineni elicolekileyo, wamehlisa, wamsonga ngelineni elicolekileyo, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna.


Kwathi uJesu esevukile ekuseni ngolokuqala lweviki, wabonakala kuqala kuMariya Magdalena, ayekhuphe kuye amadimoni ayisikhombisa.


Ngakho uJesu ebubula futhi phakathi kwakhe wafika ethuneni. Lalingumhume, kubekwe itshe phezu kwawo.


Balisusa-ke itshe endaweni lapho ofile ayebekwe khona. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile.


Kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina, nodadewabo kanina, noMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena.


Kwathi emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe bengaphakathi futhi, noTomase enabo; uJesu wafika, iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina.


Ngosuku lokuqala lweviki, sebebuthene ukuthi bahlephule isinkwa, uPawuli watshumayela kubo, elungele ukusuka ngakusasa; waqhuba inkulumo yakhe kwaze kwaba phakathi kobusuku.


Ngosuku lokuqala lweviki yilowo nalowo kini makabeke eceleni kwakhe njengokuphumelelayo kukaNkulunkulu, ukuze kungabikho ukubuthwa, lapho ngifika.


NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi ngelecilongo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka