Thumani omunye wenu ukuba amlande umfowenu, wena uyakuba etilongweni, ukuze kuvivinywe amazwi akho ukuthi kukhona yini iqiniso kuwe;
UJoshuwa 2:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJoshuwa indodana kaNuni wathuma amadoda amabili eShithimi ukuba abe yizinhloli ngasese, wathi: “Hambani nibone izwe laseJeriko.” Base behamba, bafika endlini yesifebe, uRahabi, balala khona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: “Hambani nibone izwe neJeriko.” Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona. IsiZulu 2020 UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona. |
Thumani omunye wenu ukuba amlande umfowenu, wena uyakuba etilongweni, ukuze kuvivinywe amazwi akho ukuthi kukhona yini iqiniso kuwe;
UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo, wathi kubo: “Niyizinhloli; ukubona ubuze bezwe oze kulo.
O bantu bami, khumbulani lokho uBalaki inkosi yakwaMowabi akucebisa ngakho, nalokho uBileyamu indodana kaBeyori amphendula ngakho kusukela eShithimi kuze kube eGiligali; ukuze nazi ukulunga kukaJehova.
Thumani amadoda enu ukuze ahlole ilizwe laseKhanani engilinika abantwana bakoIsrayeli; kuzo zonke izizwe zoyise wothuma indoda ibe nye, kube yilowo nalowo abe yisikhulu phakathi kwabo.
Bamisa ngaseJordani, kusukela eBeti Jeshimoti kuze kufike e-Abela Shithimi emathafeni akwaMowabi.
uSalimoni wazala uBhowazi ngoRahabi; uBhowazi wazala u-Obede kuRuthe; u-Obede wazala uJese;
Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.
Ngokuba niyakwazi lokhu, ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.
Ngokukholwa uRahabi isifebe akabhubhanga kanye nabangakholwanga, esamukele izinhloli ngokuthula.
Ngokunjalo noRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi, esezamukele izithunywa, esezikhiphe ngenye indlela?
Noma ubani ovukela umyalo wakho futhi angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho kumelwe abulawe; vele uqine ugcwale isibindi.
Inkosi yaseJeriko yabikelwa, yathi: “Bheka, kufike lapha ebusuku amadoda avela kubantwana bakwa-Israyeli ukuhlola izwe.”
UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu; basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ngaphambi kokuba bawele.
Abantwana bakwa-Israyeli bamisa eGiligali, bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa emathafeni aseJeriko.
Amadoda ayisihlanu abeye ukuhlola izwe laseLayishe aphendula, athi kubafowabo: “Niyazi yini ukuthi kulezi zindlu kukhona onkulunkulu bamatshe nendlu, nesithombe esibaziweyo, nesithombe esibunjiweyo na? manje-ke qaphelani okufanele nikwenze.
Amadoda amahlanu ayehambile ukuhlola izwe akhuphuka angena khona athatha isithombe esibaziweyo nesembatho sasemahlombe nezithixo zendlu nesithombe esibunjiweyo; umpristi wema ekungeneni kwesango namadoda angamakhulu ayisithupha ahlome izikhali zempi.
Abantwana bakwaDani bathuma emindenini yabo amadoda ayisihlanu, amadoda anamandla, evela eSora nase-Eshitawoli, ukuba ahlole izwe, alihlole; bathi kubo: “Hambani nihlole izwe.”