indodana ka-Abishuwa, indodana kaFinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni, umpristi omkhulu;
UJoshuwa 14:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lawa angamafa abantwana bakwa-Israyeli abawadla njengefa ezweni laseKhanani, umpristi u-Eleyazare, noJoshuwa, indodana kaNuni, nezinhloko zezindlu zoyise zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli ababanika wona njengefa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lawa angamafa abawathathayo abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseKhanani abababela wona u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli, IsiZulu 2020 Lawa ngamafa u-Israyeli awathola eKhanani, u-Eleyazare umphristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zemindeni yoyise bezizwana zakwa-Israyeli abababela wona. |
indodana ka-Abishuwa, indodana kaFinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni, umpristi omkhulu;
“Uma nahlukanisa izwe libe yifa ngenkatho, niyakunikela ngomnikelo kuJehova, kube yisabelo esingcwele sezwe, ubude bube yizinhlanga eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi. Kumelwe ibe ngcwele kuyo yonke imingcele yayo nxazonke.
UMose wabayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nali izwe eniyakulidla ngenkatho uJehova ayala ukuba nilinike izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye yesizwe.
Esechithile izizwe eziyisikhombisa elizweni leKhanani, wababela ilizwe labo ngenkatho.
Kodwa uma niwela iJordani, nihlala ezweni uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona njengefa, futhi uma eniphumuza ezitheni zenu zonke nxazonke, ukuze nihlale nilondekile;
Bonke abakhileyo ezintabeni kusukela eLebanoni kuze kube seMisirefotimayimi, nawo wonke amaSidoni, ngiyobaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli; nje ulabele abantwana bakwa-Israyeli ngenkatho njengefa, njengalokho ngakuyala.
Lawa angamafa u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa, indodana kaNuni, nezinhloko zezindlu zoyise zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli, ngenkatho eShilo phambi kukaJehova ngasemnyango wetabernakele, njengalokho behlukaniselwa izwe. Ifa elivela ebandleni. Base beqeda ukuhlukanisa izwe.
Izinhloko zezindlu zawoyise zamaLevi zasondela ku-Eleyazare umpristi, noJoshuwa, indodana kaNuni, nasezinhloko zezindlu zawoyise zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli;