Kwasekusithi ekuthwaseni komnyaka, uBenihadadi wabala amaAramu, wenyukela eAfeki ukuyalwa loIsrayeli.
UJoshuwa 13:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kusukela eningizimu, lonke izwe lamaKhanani, neMehara eliseceleni kwamaSidoni, kuze kufike e-Afeki, kuze kube semkhawulweni wama-Amori; IBHAYIBHELI ELINGCWELE lonke izwe lamaKhanani ngaseningizimu neMehara elingelamaSidoni kuze kufike e-Afeki nasemkhawulweni wama-Amori, IsiZulu 2020 lonke izwe lamaKhanani, neMehara yamaSidoni kuye kufike e-Afekhi nasemngceleni wama-Amori, |
Kwasekusithi ekuthwaseni komnyaka, uBenihadadi wabala amaAramu, wenyukela eAfeki ukuyalwa loIsrayeli.
Kepha abanye babalekela e-Afeki emzini; kwawela ugange phezu kwamadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesikhombisa. UBhenihadadi wabaleka, wangena emzini ekamelweni elingaphakathi.
uthi: Isho kanje iNkosi uJehova kulo iJerusalema; Ukuzalwa kwakho nozalo lwakho kuvela ezweni laseKhanani; uyihlo wayengumAmori, unyoko engumHeti.
Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihambisa ehlane iminyaka engamashumi amane ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.
UJoshuwa walichitha lonke izwe lezintaba, nelaseningizimu, nelasesigodini, nelemithombo, nawo onke amakhosi alo;
namaKhanani ngasempumalanga nasentshonalanga, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi ezintabeni, namaHivi phansi kweHermoni, ezweni laseMispa.
Ilizwi likaSamuweli lafika kuIsrayeli wonke. U-Israyeli waphuma ukulwa namaFilisti, wamisa e-Ebeni Ezeri; amaFilisti amisa e-Afeki.