U-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili zezinsizwa zakhe no-Isaka indodana yakhe kanye naye, wacanda izinkuni zomnikelo wokushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu ayemtshele ngayo.
UJona 3:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJona wayesesuka waya eNineve njengezwi likaJehova. INineve laliwumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesesuka uJona, waya eNineve njengezwi likaJehova. INineve lalingumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu. IsiZulu 2020 UJona wayesesuka waya eNineve, njengokusho kwezwi likaSimakade. INineve kwakungumuzi omkhulu; ukudabula kuwo kwakungathatha izinsuku ezintathu. |
U-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili zezinsizwa zakhe no-Isaka indodana yakhe kanye naye, wacanda izinkuni zomnikelo wokushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu ayemtshele ngayo.
Wayesethi uRaheli: “Ngabambana nodadewethu ngokushikashikana okukhulu, ngamnqoba, waqamba igama layo ngokuthi uNafetali.”
Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu; Ukwahlulela kwakho kungukujula okukhulu; O Jehova, uvikela abantu nezilwane.
Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze ngawo; ngoba ububi babo bukhuphukele phambi kwami.
Mina-ke bengingayikulihawukela yini iNineve, umuzi omkhulu, okukhona kuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi ayisithupha abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo; nezinkomo eziningi na?