Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJona 3:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

UJona wayesesuka waya eNineve njengezwi likaJehova. INineve laliwumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wayesesuka uJona, waya eNineve njengezwi likaJehova. INineve lalingumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

UJona wayesesuka waya eNineve, njengokusho kwezwi likaSimakade. INineve kwakungumuzi omkhulu; ukudabula kuwo kwakungathatha izinsuku ezintathu.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJona 3:3
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili zezinsizwa zakhe no-Isaka indodana yakhe kanye naye, wacanda izinkuni zomnikelo wokushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu ayemtshele ngayo.


Wayesethi uRaheli: “Ngabambana nodadewethu ngokushikashikana okukhulu, ngamnqoba, waqamba igama layo ngokuthi uNafetali.”


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu; Ukwahlulela kwakho kungukujula okukhulu; O Jehova, uvikela abantu nezilwane.


Izintaba zasibekela umthunzi wawo, namagatsha awo ayenjengemisedari emihle.


Khona uSaneheribi inkosi yase-Asiriya wasuka wahamba, wabuya, wahlala eNineve.


Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze ngawo; ngoba ububi babo bukhuphukele phambi kwami.


Mina-ke bengingayikulihawukela yini iNineve, umuzi omkhulu, okukhona kuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi ayisithupha abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo; nezinkomo eziningi na?


NguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba uyasiza kimi enkonzweni.