Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 22:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 U-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili zezinsizwa zakhe no-Isaka indodana yakhe kanye naye, wacanda izinkuni zomnikelo wokushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu ayemtshele ngayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 U-Abrahama wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili ezincekwini zakhe, no-Isaka indodana yakhe; wacanda izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu abemtshele yona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 U-Abhrahama wavuka ekuseni ngovivi, wabophela imbongolo yakhe, wathatha izinceku zakhe ezimbili, no-Isaka indodana yakhe. Wacanda izinkuni zomhlatshelo wokushiswa, maqede wangena indlela, waya lapho uNkulunkulu emyalele khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 22:3
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrahama wathatha indodana yakhe u-Ishmayeli nabo bonke ababezelwe endlini yakhe, nabo bonke abathengwa ngemali yakhe, bonke abesilisa phakathi kwabantu bendlu ka-Abrahama; basoka inyama yejwabu ngalolo suku, njengalokho uNkulunkulu emyalile.


U-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu, wathatha isinkwa nojeke wamanzi, wakunika uHagari, wakubeka ehlombe lakhe nomntwana omncane, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane. eBherisheba.


Ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba ziyobusiswa; ngoba ulilalele ilizwi lami.


Wathi: “Manje thatha indodana yakho, indodana yakho eyodwa, u-Isaka, oyithandayo, uye ezweni laseMoriya; umnikele khona abe ngumnikelo wokushiswa kwenye yezintaba engizakukutshela khona.


Kwathi ngosuku lwesithathu u-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wayibona leyo ndawo isekude.


Ngiyashesha, angehluleka ukugcina imiyalo yakho.


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho; ngoba akukho msebenzi, nacebo, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Othanda uyise noma unina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele.


Uma umuntu eza kimi, engazondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe futhi, angebe ngumfundi wami.


ukwembula iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe; masinyane angibuzanga lutho ngenyama negazi.


Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu; basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ngaphambi kokuba bawele.


UJoshuwa wayeseqeda ekuseni kakhulu, wababala abantu, wakhuphuka, yena namalunga akwa-Israyeli, phambi kwabantu waya e-Ayi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka