Wathi: “Umntwana esaphila, ngazila ukudla, ngakhala, ngokuba ngathi: ‘Ngubani ongazi, uma uNkulunkulu eyakuba nomusa kimi, ukuze umntwana aphile?
UJona 1:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Induna yasondela kuye, yathi kuye: “Uthini wena olele ubuthongo na?” sukuma, ubize uNkulunkulu wakho, uma uNkulunkulu esikhumbula, ukuze singalahleki. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwase kusondela kuye induna yomkhumbi, yathi: “Unani wena olele ubuthongo na? Vuka, ubize uNkulunkulu wakho; mhlawumbe lo Nkulunkulu uyakusikhumbula ukuba singabhubhi.” IsiZulu 2020 Umkhuzi wamatilosi weza kuJona, wathi: “Ungalala kanjani uhuqe ubuthongo kunje? Vuka ubize owakho uNkulunkulu, mhlawumbe angasizwa, singashabalali.” |
Wathi: “Umntwana esaphila, ngazila ukudla, ngakhala, ngokuba ngathi: ‘Ngubani ongazi, uma uNkulunkulu eyakuba nomusa kimi, ukuze umntwana aphile?
Hamba uqoqe wonke amaJuda akhona eShushani, ningizilele, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu, ubusuku nemini. Mina nezincekukazi zami siyakuzila kanjalo; kanjalo ngiyongena enkosini, okuphambene nomthetho; futhi uma ngibhubha, ngiyabhubha.
Nisho ukuthini ukuba niphahlaze abantu bami, nigaye ubuso babampofu na? isho iNkosi uJehova Sebawoti.
Litshoni ukuthi likhuluma lesi saga ngezwe lakoIsrayeli esithi: Oyise badlile izithelo zomvini ezimunyu, lamazinyo abantwana aba buthuntu?
UJehova uyakuphakamisa izwi lakhe phambi kwebutho lakhe, ngokuba ikamu lakhe likhulu kakhulu, ngokuba unamandla owenza izwi lakhe; ngoba usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongakuthwala na?
Zondani okubi, nithande okuhle, nimise ukulunga esangweni; mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomusa kuyo insali kaJosefa.
Kepha umuntu nezilwane makubembeswe izingubo zokulila, kukhale kuNkulunkulu ngamandla; yebo, mababuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi nasebudloveni obusezandleni zabo.
Ubani ongazi uma uNkulunkulu eyophenduka futhi aphenduke futhi abuye olakeni lwakhe, ukuze singabhubhi?
UPawuli wasephendula wathi: Litshoni ukukhala lichoboza inhliziyo yami? ngoba mina angilungele ukubotshwa kuphela, kodwa lokufa eJerusalema ngenxa yebizo leNkosi uJesu.