Baphumputha ebumnyameni kungekho kukhanya, futhi uyabenza badiyazele njengomuntu odakiwe.
UJobe 5:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bahlangana nobumnyama emini, nobumnyama ntambama njengasebusuku. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emini bahlangana nobumnyama, baphumputha emini njengasebusuku. IsiZulu 2020 Bahlangabezana nobumnyama emini kwabha, baphuphutheke emini, kube sengathi kusebusuku. |
Baphumputha ebumnyameni kungekho kukhanya, futhi uyabenza badiyazele njengomuntu odakiwe.
Kayikusuka ebumnyameni; ilangabi liyomisa amagatsha akhe, futhi ngomoya womlomo wakhe uyomuka.
Ubumnyama bonke buyocasha ezindaweni zabo zokucasha; umlilo ongabasiwe uyakumqeda; kuyoba kubi kosala etendeni lakhe.
Bangabahlubuki ekukhanyeni; abazazi izindlela zakhe futhi abahlali emikhondweni yakhe.
INkosi yasisithi kuMozisi: Yelulela isandla sakho ezulwini, ukuze kube lobumnyama phezu kwelizwe leGibhithe, yebo, ubumnyama obuphathekayo.
UMose wayeselula isandla sakhe ezulwini; kwaba khona ubumnyama obukhulu ezweni lonke laseGibithe izinsuku ezintathu.
Siphumputha njengezimpumputhe odongeni, siphumputha ngokungathi asinamehlo; siyakhubeka emini njengasebusuku; sisezindaweni eziyincithakalo njengabafileyo.
Ngalolo suku, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza ukuba ilanga lishone emini bebade, ngenze ubumnyama emhlabeni emini libalele.
Uyophumputha emini njengempumputhe ebumnyameni, futhi ngeke uphumelele ezindleleni zakho; niyocindezelwa njalo nje, niphangwe, kungabikho onisindisayo.