Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 5:14 - IsiZulu 2020

14 Bahlangabezana nobumnyama emini kwabha, baphuphutheke emini, kube sengathi kusebusuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Emini bahlangana nobumnyama, baphumputha emini njengasebusuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bahlangana nobumnyama emini, nobumnyama ntambama njengasebusuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 5:14
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Baphuphutheka ebumnyameni bengenakukhanya, ubabhamazelisile njengezidakwa.”


Akayukusuka ebumnyameni, ilangabi liyakubunisa amagatsha akhe, apheshulwe ngukuphefumula komlomo wakhe.


Siyakuxoshwa ekukhanyeni, siyiswe ebumnyameni, sixoshwe emhlabeni.


Ubumnyama obupheleleyo buyakuba phezu komcebo wakhe wonke, umlilo ongavuthelwanga muntu uyakumqothula, okuseleyo ethendeni lakhe kushe kungqongqe.


Uyokwembozwa ngubumnyama, ukuze ungaboni, nesikhukhula samanzi siyakukusibekela.


“Kukhona abamelene nokukhanya, abangazibandakanyi nezindlela zakho, abanganamatheli emikhondweni yakho.


Ukukhanya kugodliwe ezikhohlakalini, kwaqedwa nobudlova bazo.


USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho ngasezulwini ukuze kube mnyama eGibhithe, ubumnyama obuphathekayo.”


UMose wayeselulela isandla sakhe ngasezulwini, kwase kuba khona isigayegaye sobumnyama izinsuku ezintathu kulo lonke iGibhithe.


Indlela yezikhohlakali injengobumnyama; abazi nokuthi bakhutshwa yini.


Sidukuza sigudla udonga njengempumputhe, yebo, sidukuza siphumputha njengabangenamehlo; sikhubeka emini kungathi sekuhwalele; phakathi kwabaphilayo, sinjengabafileyo.


“Ngalolo lusuku ngiyakwenza ukuba ilanga lishone emini, ngenze kube mnyama emhlabeni emini kwabha,” kusho iNkosi uSimakade.


Uyophuphutheka emini njengempumputhe iphuphutheka ebumnyameni. Awuyukuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyukuba bikho muntu oyokuhlenga.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka