Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 12:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 Baphumputha ebumnyameni kungekho kukhanya, futhi uyabenza badiyazele njengomuntu odakiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Ziyaphumputha ebumnyameni zingenakukhanya, uyazintengantengisa njengesidakwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

25 Baphuphutheka ebumnyameni bengenakukhanya, ubabhamazelisile njengezidakwa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 12:25
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadoda ayesemnyango wendlu ashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, akhathala ngokuthola umnyango.


Ukukhanya kuyakuba mnyama etendeni lakhe, nesibani sakhe siyakucinywa kanye naye.


Bahlangana nobumnyama emini, nobumnyama ntambama njengasebusuku.


Bayaluza bayahamba bayadiyazela njengomuntu odakiwe, abasangulukile.


UJehova waxubanisa umoya omubi kulo, balidukisa iGibhithe emisebenzini yalo yonke njengomuntu odakiwe ediyazela ebuhlanzweni bakhe.


Umhlaba uyantengantenga njengesidakwa, nanjengendlu encane uyanyakaza; futhi isiphambeko sakhe siyakuba nzima phezu kwakhe; futhi liyowa lingaphinde livuke.


Siphumputha njengezimpumputhe odongeni, siphumputha ngokungathi asinamehlo; siyakhubeka emini njengasebusuku; sisezindaweni eziyincithakalo njengabafileyo.


Manje bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho, uyakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga isikhathi. Kwahle kwehlelwa yinkungu nobumnyama phezu kwakhe; wasezulazula efuna abangamhola ngesandla.


Uyophumputha emini njengempumputhe ebumnyameni, futhi ngeke uphumelele ezindleleni zakho; niyocindezelwa njalo nje, niphangwe, kungabikho onisindisayo.


Kepha ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka