U-Abrahama waphendula, wathi: “Bheka, nginqume ukukhuluma neNkosi, eluthuli nomlotha.”
UJobe 4:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kakhulu kangakanani ngalabo abahlala ezindlini zodaka, abazisekelo zabo zisothulini, abachotshozwayo phambi kwenundu? IBHAYIBHELI ELINGCWELE kakhulu kangakanani abahlezi ezindlini zodaka, abazisekelo zabo zisothulini, abachotshozwa njengenundu. IsiZulu 2020 Kakhulu kangakanani-ke labo abahlezi ezindlini zodaka, abasisekelo sabo sisothulini, abachotshozwa njengenundu na? |
U-Abrahama waphendula, wathi: “Bheka, nginqume ukukhuluma neNkosi, eluthuli nomlotha.”
INkosi uNkulunkulu yabumba umuntu ngothuli lomhlaba, yaphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.
Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa uze ubuyele emhlabathini; ngoba nathathwa kuwo; ngokuba uluthuli, uyakubuyela othulini.
Bheka, ngisesikhundleni sikaNkulunkulu njengokufisa kwakho; nami ngabunjwa ngobumba.
Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku ingqondo yakhe yaphela.
Lapho usola umuntu ngobubi, ubuhle bakhe buqedwa njengenundu; isibili wonke umuntu uyize. Sela.
Khona uthuli luyobuyela emhlabathini njengoba lwalunjalo, futhi umoya uyobuyela kuNkulunkulu owawunikayo.
Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obumangalisayo bube obukaNkulunkulu, bungabi buvela kithi.
Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.
Ngokuba yonke inyama injengotshani, nenkazimulo yonke yomuntu injengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali yabo iyavuthuluka;