UJobe 33:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Niphikisana ngani naye? ngoba akazilandisi ngezindaba zakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umphikiselani ngokuthi: Akaphenduli nelilodwa lamazwi ami. IsiZulu 2020 Kungani uqagulisana naye, ngokuthi akaphenduli nelilodwa lamazwi ami. |
Ungamthola yini uNkulunkulu ngokumfuna? ungakwazi ukuthola uSomandla ekupheleleni?
Maye kulowo oxabana noMenzi wakhe! Izindengezi maziphikisana nezindengezi zomhlaba. Ubumba luthi kumbumbi walo: Wenzani na? noma umsebenzi wakho, Akanazandla na?
ngimemezele isiphetho kwasekuqaleni nasendulo izinto ezingakenziwa, nithi: Isiluleko sami siyakuma, ngenze yonke intando yami;
Ngakubekela ugibe, wabanjwa nawe, Babele, wawungazi; watholakala futhi wathunjwa, ngoba walwa noJehova.
Inhliziyo yakho ingama yini, noma izandla zakho zibe namandla ezinsukwini engiyakuphathana nawe ngazo? Mina Jehova ngikukhulumile, futhi ngiyakukwenza.
Futhi bonke abakhileyo emhlabeni babhekwa njengento engelutho; futhi wenza njengentando yakhe ebandleni lasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongabamba isandla sakhe, athi kuye: ‘Wenzani na?’
Angivunyelwa yini ukwenza engikuthandayo ngokungokwami? Iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle?
Wathi kubo: “Akusikhona okwenu ukwazi izikhathi nezinkathi uBaba azimise ngamandla akhe.
Kepha uma kuvela kuNkulunkulu, anikwazi ukukuchitha; funa nifunyanwe ningabalwa noNkulunkulu.
Kodwa wena muntu, ungubani wena ophendula ngoNkulunkulu? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: ‘Ungenzeleni kanjalo na?
Izinto ezifihliweyo zingezikaJehova uNkulunkulu wethu, kodwa izinto ezembuliwe zingezethu nabantwana bethu kuze kube phakade, ukuze senze wonke amazwi alo mthetho.