Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 29:29 - Contemporary Zulu Bible 2024

29 Izinto ezifihliweyo zingezikaJehova uNkulunkulu wethu, kodwa izinto ezembuliwe zingezethu nabantwana bethu kuze kube phakade, ukuze senze wonke amazwi alo mthetho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 “Izimfihlakalo zingezikaJehova uNkulunkulu wethu, kepha okwambuliweyo kungokwethu nokwabantwana bethu kuze kube phakade ukuba siwenze onke amazwi alo mthetho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

29 “Izimfihlakalo zingezikaSimakade uNkulunkulu wethu, kodwa okwambuliweyo kungokwethu nozalo lwethu kuze kube phakade ukuba siwenze wonke amazwi alo mthetho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 29:29
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Akukho kimi; uNkulunkulu uyakumphendula uFaro ngokuthula.”


Wathi kumuntu: “Bheka, ukumesaba uJehova kungukuhlakanipha; nokudeda ebubini kungukuqondisisa.


Imfihlo kaJehova ikulabo abamesabayo; futhi uyobazisa isivumelwano sakhe.


Kuludumo lukaNkulunkulu ukufihla into, kodwa udumo lwamakhosi luwukuhlola indaba.


Ngoba omubi uyisinengiso kuJehova, kodwa imfihlo yakhe ikulabo abalungileyo.


Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.


Ngoba ngubani owama emkhandlwini weNkosi, wabona, wezwa ilizwi lakhe? ngubani obonile izwi lakhe, walizwa na?


Wembula okujulileyo nokufihliweyo: uyakwazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlala kuye.


Belitshazari, nkosi yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe, nokuthi akukho mfihlakalo ekukhathazayo, ngitshele imibono yephupho lami engalibonayo kanye nencazelo yalo.


Ngempela, uJehova akenzi lutho, kodwa uyembulile imfihlo yakhe ezincekwini zakhe, abaprofethi.


Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga.


ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: Ngizavula umlomo wami ngemifanekiso; ngizakhuluma izinto ebezifihliwe kusukela ekusekelweni komhlaba.


Kusukela manje anginibizi ngokuthi izinceku; ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa inkosi yayo; ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.


Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.


UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? ngilandele.


Hlolani imibhalo; ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.


Wathi kubo: “Akusikhona okwenu ukwazi izikhathi nezinkathi uBaba azimise ngamandla akhe.


Labo babenobuntu kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, behlola imibhalo imihla ngemihla ukuthi zinjalo yini lezo zinto;


Ngokuba ngubani owazi umqondo weNkosi ukuba ayifundise na? Kodwa thina sinomqondo kaKristu.


Kumelwe ubuyele kuJehova uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe njengakho konke engikuyala ngakho namuhla, wena nabantwana bakho, ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho;


Kumelwe ulifundise ngenkuthalo abantwana bakho futhi ukhulume ngalo lapho uhlezi endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.


Nxa ngikhumbula ukholo lwakho olungazenzisiyo olwahlala kuqala kugogo wakho uLowisi lakunyoko uYunike; ngiyaqiniseka ukuthi nakuwe.


Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka