Wasesenyuka esuka lapho waya eBhetheli; kwathi esendleleni, kwaphuma abantwana abancane bomuzi, bamklolodela, bathi kuye: Yenyuka, mpandlandini; khuphuka, khanda elinempandla.
UJobe 30:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha manje, abancane kunami bayangiklolodela, oyise babo engangibadelela ukuhlala nezinja zomhlambi wami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha manje abancane ngeminyaka kunami bayangihleka, oyise babo engangibadelela ukuba ngingababeki naphakathi kwezinja zezimvu zami. IsiZulu 2020 “Manje sengihlekwa ngabancane kunami ngeminyaka, oyise engangingeke ngibabeke phakathi kwezinja ezelusa izimvu zami. |
Wasesenyuka esuka lapho waya eBhetheli; kwathi esendleleni, kwaphuma abantwana abancane bomuzi, bamklolodela, bathi kuye: Yenyuka, mpandlandini; khuphuka, khanda elinempandla.
Nginjengomuntu oyinhlekisa kumakhelwane wakhe, obiza uNkulunkulu, amphendule; olungileyo oqotho uyahlekwa.
Abanye baqala ukumkhafulela amathe, nokumboza ubuso bakhe, nokumshaya, nokuthi kuye: “Profetha!” Izinceku zamshaya.
Abantu bema bebukela. Nababusi bamhleka usulu, bathi: “Wasindisa abanye; akazisindise, uma enguKristu, okhethiweyo kaNkulunkulu.
Nesinye sezelelesi ezaziphanyekiwe samthuka, sithi: “Uma wena unguKristu, zisindise wena nathi.
Kepha abaJuda abangakholwanga, benomona, bazithathela amadoda athile axhwalekileyo abenza okubi, abutha iviyo, avusa isiyaluyalu umuzi wonke, ahlasela indlu kaJasoni, afuna ukubakhiphela ngaphandle abantu.
Omunye wabo, umprofethi wakubo, wathi: AmaKrethe ahlala eqamba amanga, izilwane ezimbi, izisu ezimnene.