Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 17:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha abaJuda abangakholwanga, benomona, bazithathela amadoda athile axhwalekileyo abenza okubi, abutha iviyo, avusa isiyaluyalu umuzi wonke, ahlasela indlu kaJasoni, afuna ukubakhiphela ngaphandle abantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha abaJuda benomhawu bathatha kumabhukudwane abalisa abathile ababi, besusa isiyaluyalu phakathi kwabantu, baxokozelisa umuzi; bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela kubantu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Kepha abaJuda benomhawu, baqoqa abantu ababi, baba yisixuku, base bedala isiyaluyalu emzini. Bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela ngaphandle kubantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Kepha abaJuda abangakholwanga, benomona, bazithathela amadoda athile axhwalekileyo abenza okubi, abutha iviyo, avusa isiyaluyalu umuzi wonke, ahlasela indlu kaJasoni, afuna ukubakhiphela ngaphandle. abantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 17:5
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa ebunzimeni bami bajabula futhi babuthana ndawonye; bangidwengula futhi abazange bame.


Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; mina ngangiyingoma yezidakwa.


Inhliziyo ephilileyo ingukuphila kwenyama, kepha inomhawu ngokubola kwamathambo.


Nkosi, uma isandla sakho siphakeme, abayikukubona; yebo, umlilo wezitha zakho uyakuziqeda.


Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu.


Kodwa abaJuda bebona izixuku bagcwala umona, baphikisana lezinto ezazikhulunywa nguPawuli, bephikisa lokuthuka.


Kwafika abaJuda bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu, banxenxa izixuku, bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi, bethi ufile.


Kodwa abaJuda abangakholwayo babhebhethekisa abezizwe, benza izinhliziyo zabo zibe zimbi ngabazalwane.


Kodwa kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi ilizwi likaNkulunkulu litshunyayelwe nguPawuli eBereya, beza lakhona, bavusa ixuku.


Kuthe bengabatholi, badonsela uJasoni labazalwane abathile kubaphathi bomuzi, bememeza besithi: Laba abaphambukise umhlaba wonke sebefikile lalapha;


abamamukele uJasoni; bonke laba benza okuphambene nezimiso zikaKesari, bethi kukhona enye inkosi, uJesu.


Sebethathele uJasoni labanye isibambiso, babakhulula.


Kwathi uGaliyu engumbusi we-Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa esihlalweni sokwahlulela.


Ngoba sisengozini yokumangalelwa ngesiyaluyalu salamuhla, kungekho sizathu esingalandisa ngaso ngalo mbuthano.


Okhokho baba lomhawu ngoJosefa, bathengisa ngoJosefa eGibhithe, kodwa uNkulunkulu wayelaye.


Uyakhonza kini uThimothewu, isisebenzi kanye nami, noLukiyu, noJasoni, noSosipatro, izihlobo zami.


ekuhambeni njalo, ezingozini zamanzi, ezingozini zabaphangi, ezingozini ngabakithi, ezingozini ngabezizwe, engozini emzini, engozini enkangala, engozini olwandle, engozini phakathi kwabazalwane bamanga.


umhawu, ukubulala, ukudakwa, ukuxokozela, nokunye okunjalo, enginitshela ngakho ngaphambili, njengalokho ngasho kini ngaphambili, ukuthi abenza okunjalo abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.


Masingathandi udumo oluyize, sicunula, sifelane umona.


Nani naba ngabalingisi bethu nabeNkosi, selamukele izwi ekuhluphekeni okukhulu ngentokozo kaMoya oNgcwele;


Ingabe nithi umbhalo usho ngeze ukuthi: “UMoya ohlezi kithi uhahela umhawu na?


Bamnika amashekeli angamashumi ayisithupha esiliva endlini kaBali-bheriti, u-Abimeleki waqasha ngawo amadoda ayize, alulamileyo, amlandela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka