UJobe 21:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngibhekeni, nimangale, nibeke isandla emlonyeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngibukeni, nimangale, nibeke izandla emilonyeni yenu. IsiZulu 2020 Ngibhekeni, nishaqeke, nibambe ongezansi. |
Lapho bephakamisa amehlo abo bekude, bengamazi, baphakamisa izwi labo, bakhala; baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza ngothuli emakhanda abo ezulwini.
Bhekani, ngikhohlakele; ngizokuphendula ngithini? Ngizobeka isandla sami emlonyeni wami.
Uma wenze ngobuwula ngokuziphakamisa, noma ucebe okubi, beka isandla emlonyeni wakho.
Ngakho-ke uyofafaza izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo kuye; ngoba lokho abangatshelwanga khona, bazakubona; futhi abangakuzwanga, bayokulalela.
Ngakho abahlakaniphileyo bayakuthula ngalesi sikhathi; ngoba kuyisikhathi esibi.
Izizwe ziyakubona lokhu, zibe namahloni ngawo wonke amandla azo; bayakubeka isandla sabo emlonyeni wabo, izindlebe zabo ziyakuba yizithulu.
Yeka ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka ukuthi aziphenyeki kanjani izahlulelo zakhe, nezindlela zakhe aziphenyeki!
Bathi kuye: “Thula, ubeke isandla sakho emlonyeni wakho, uhambe nathi, ube ngubaba nompristi wethu; kungcono yini kuwe ukuba ube ngumpristi wendlu yomuntu oyedwa, noma ube ngumpristi wesizwe nesizukulwane sakwa-Israyeli na?